Friday, June 6, 2025
DONATE
PROFILE
  • Login
  • Register
No Result
View All Result
Izwi Lomphakathi Newspaper
ADVERTISEMENT
  • Home
    • Advertise
    • Rate Card
  • Community
  • Crime
  • News
    • Provincial
    • National
    • Politics
  • Entertainment
    • Events
  • Sports
    • Schools Sports
    • Club Sports
  • About Us
    • Terms & Conditions
    • Privacy Policy
Subscribe
  • Home
    • Advertise
    • Rate Card
  • Community
  • Crime
  • News
    • Provincial
    • National
    • Politics
  • Entertainment
    • Events
  • Sports
    • Schools Sports
    • Club Sports
  • About Us
    • Terms & Conditions
    • Privacy Policy
No Result
View All Result
Izwi Lomphakathi Newspaper
No Result
View All Result
Home Letter Community

Singabantu asisiwo umuthi

by Langelihle Chagwe
October 6, 2023
in Community, Crime, Municpality, News, People
Reading Time: 2 mins read
A A
0
Singabantu asisiwo umuthi
Share on FacebookShare on Twitter

NGUSOLWAZI Mathis Mbatha evunule ngombala wengwe esifubeni nomqhele. uMnu Phumlani Mhlungu ophethe inhlangano National Albinism Society KwaZulu-Natal, kanye nabamashi ngesikhathi kuqwashiswa ngabebala elimhlophe ukuthi bangabantu abafana nathi. Izithombe. LANGELIHLE Chagwe
INTO embi ikhonjwa kithi! Lawa ngamazwi ashiwo nguSolwazi UMathis Mbatha, eDundee, eNyakathi, ngenkathi bekunemashi, eqale kuMasipala Endumeni, yaya erenkeni, kwase kuqhutshekelwa eMoth Hall, obekuhloswe ngayo ukuqwashisa kanye nokukhuza umhlola ngokubulawa kwabantu bebala elimhlophe. Uthe asilaphi ngezicubu zabantu zilapha ngamagxolo. ” Asikwazi ukuthi kulashwa ngabantu,” kusho uSolwazi Mbatha obekhulumela izinyanga nezangoma , eqhuba ethi izinyanga nezangoma mbumbulu lezi ezibulala abantu bebala elimhlophe ezithi zakhela abantu umuthi wenhlanhla. Uthe labo ababulala abantu bathi balapha ngezicubu zabo abathakathi bafuna ukuboshwa nje gqa. “Sibone kubalulekile ukuthi sibe nalemashi ngoba kungu September owahlonzwa njenge Albinism Month,” kusho uNkk Sisi Mkhwanazi, osebenza eMnyangweni i-Community Safety and Liaison, khona eDundee. Uthe kumele siyimiNyango kaHulumeni kanye nomphakathi wonkana sisebenze ngokubambisana silwisane nalesihlava sokubulawa kwabantu bebala elimhlophe. Sibonga abalaphi bendabuko abaphume ngobuningi babo bezoziqhelelanisa nalesihlava sokuthi abantu bebala banenhlanhla noma ulala nabo.

” Abantu bebala bayafana nathi, akukho mehluko. ” Bafowethu thina bantu bebala sinenselelo enkulu, ukuhlukunyezwa kwabantu bebala bahlukunyezwa bezalwa, amalunga omndeni, ezikoleni kanye nasempakathini. Uthe umfowethu ekhaya akafananga nami lokhu okwenza ukuthi ngingamukeleki kahle. Uqhube wathi nasemsebenzini imbalala siyahlukunyezwa. ” Sibonga kakhulu uhulumeni ngokuseseka ngokuthi aze abone ukuthi sikhubazekile. ” Esikoleni engangifunda kuso uthisha wayengalimaki isesesazi lami kodwa ngakwazi ukumelana nalokho ngoba ngafunda ngaze ngathola iziqu futhi ngisebenza kahle,” kusho yena, eqhuba ethi, abanye bethu abakwazi ukushayela izimoto ngenxa yokungaboni kahle kanti abanye bayakwazi ukushayela. Uqhube wathi abanye bethu bayeka isikole ngenxa yokucwaswa. Uthi kuneminyango kahulumeni engakabamukeli kahle abantu bebala. Sibonga kakhulu umaphakathi osulusukumele udaba lwethu kanye namaphoyisa. Phambili ngokuthuthukiswa kwabantu bebala phambili.

ADVERTISEMENT


Ubaba wathi engakandluli emhlabeni umsamo uyahlonishwa, angeke uye emsamo unezandla ezinegazi ngenxa yokubulala. “Sinenkinga enkulu ngoba kuyaye kudingeke ukuthi siye ezinyangeni nasezangomeni kodwa siyesaba ngoba asazi ukuthi siyakubantu abaqondile noma siyozibulalisa,” esho.

Langelihle Chagwe

Langelihle Chagwe

Izwi Lomphakathi Newspaper is 100 percent in IsiZulu and it was established immediated when the killer dicease Covid 19 plaqued the Globe. Publisher is an experienced Journalist with more than 21 years experience in the media fraternity. Publisher had worked for various newspapers such as The New Age,Daily Sun, Sowetan, Northern Natal Courier and other community newspapers. It aimed in promoting reading and to disseminate informatio or to inform the community at large about the news that is happening around them. It also aimed at promoting the culture of going back to basics and promote the reading using indigenous languages which is now fading. Going online will also help to educate, inform the public about news happening around them and nationally.

Related Posts

Kuboshwe imigulukudu emibili, kwashaqwa impahla yokwebiwa,Ekuvukeni

Uhulumeni unxuse ukuba uMasipala weTheku uqhamuke namasu okuqoqa imali oyikweletwayo

by Langelihle Chagwe
June 5, 2025
0
3

NGUNGQONGQOSHE uMfu Thulasizwe Buthelezi. Isithombe. SITHUNYELWE UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu uMfu Thulasizwe Buthelezi unxuse uMasipala weTheku ukuba uzame ukuqhamuka namasu...

Kulindeleke lukhulu kowe Khaba Cup eMlazi

Kulindeleke lukhulu kowe Khaba Cup eMlazi

by Langelihle Chagwe
June 5, 2025
0
3

KUNGENKATHI kutonyulwa amaqembu azoqhudelana kwiKhaba Cup.Isithombe.SITHUNYELWE KULINDELEKE lukhulu emqhudelwaneni webhola likanobhutshuzwayo owaziwa nge Khaba Cup lapho kuzobe kuqhudelana khona amaqembu...

Ungqongqoshe kowengoma

Ungqongqoshe kowengoma

by Langelihle Chagwe
June 1, 2025
0
3

NGUNGQONGQOSHE nethimba lakhe.Isithombe.SITHUNYELWE SIHAYELWE ihlombe isenzo sikangqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana kanye neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natali uMfu Thulasizwe Buthelezi sokuba yingxenye yeNgoma KaZwelonke....

  Kunezinkinga eziphathekayo ezihaqe iSihlalo sobuKhosi baKwaZulu, zizoxazululwa iSihlalo uqobo hhayi izinkantolo

  Kunezinkinga eziphathekayo ezihaqe iSihlalo sobuKhosi baKwaZulu, zizoxazululwa iSihlalo uqobo hhayi izinkantolo

by Langelihle Chagwe
May 30, 2025
0
3

NGUDOKOTELA Vusi Shongwe.Isithombe.SITHUNYELWE NINA beSilo ngiyabingelela. Cishe akekho ongangiphikisa uma ngithi akekho kwizinhlangothi zombili zasendlunkulu kaZulu ongasho kugcwale umlomo ukuthi...

Kutholakale izimpahla ezingombombayi ezingabiza R400million, eThekwini

Kutholakale izimpahla ezingombombayi ezingabiza R400million, eThekwini

by Langelihle Chagwe
May 28, 2025
0
3

ZIMPAHLA ezitholakale kumakhontiyena. Izithombe.ZITHUNYELWE KUTHOLAKALE izimpahla ezingombombayi (fake) , ezingabiza imali engu-R400 million lapho kugcinwa khona impahla i-Edwin Swales, eThekwini...

UMkhandlu Amajuba wemukele ubuholi obuphezulu bomkhandlu

by Langelihle Chagwe
May 21, 2025
0
3

KWESOKUNXELE nguSekela Meya uKhansela Shaka Sithole, uMeya uKhansela Thembelihle Mthembu kanye noSomlomo uKhansela Siphamandla Zulu.Isithombe. SITHUNYELWE KWEMUKELWE uMeya omusha uKhansela...

Recommended

Ugwetshwe udilikajele owadlwengula ingane eneminyaka emihlanu  (5), wayivala ngeshumi

Odilikijale ababili , neminyaka ewu-31, kwababulala, babamba inkunzi behlomile

1 year ago
3
Ubuholi boMkhonto WeSizwe eMajuba buvakashele amabandla

Isiphepho sishiye kukhalwa eMsinga

4 months ago
3

About Us

Izwi Lomphakathi Newspaper

Izwi Lomphakathi Newspaper is 100 percent in IsiZulu and it was established immediated when the killer dicease Covid 19 plaqued the Globe. Publisher is an experienced Journalist with more than 21 years experience in the media fraternity. Publisher had worked for various newspapers such as The New Age,Daily Sun, Sowetan, Northern Natal Courier and other community newspapers.

Associations

Category

Socials

Newsletter

  • About
  • Advertise
  • Subscribe
  • Contact
  • Terms & Conditions
  • Privacy Policy
  • Cookie Policy (ZA)

© 2023 Izwi Lomphakathi Initiative is offered by SANEF

No Result
View All Result
  • Politics
  • Municpality
  • Local Business
  • Provincial
  • National
  • Entertainment
  • Events
  • Schools
  • Announcements
  • Sports
  • Community
  • Letter
  • Crime
  • People
  • Local Heros
  • Food

© 2023 Izwi Lomphakathi Initiative is offered by SANEF

Welcome Back!

Login to your account below

Forgotten Password? Sign Up

Create New Account!

Fill the forms below to register

All fields are required. Log In

Retrieve your password

Please enter your username or email address to reset your password.

Log In
Manage Cookie Consent
We use technologies like cookies to store and/or access device information.
Functional Always active
The technical storage or access is strictly necessary for the legitimate purpose of enabling the use of a specific service explicitly requested by the subscriber or user, or for the sole purpose of carrying out the transmission of a communication over an electronic communications network.
Preferences
The technical storage or access is necessary for the legitimate purpose of storing preferences that are not requested by the subscriber or user.
Statistics
The technical storage or access that is used exclusively for statistical purposes. The technical storage or access that is used exclusively for anonymous statistical purposes. Without a subpoena, voluntary compliance on the part of your Internet Service Provider, or additional records from a third party, information stored or retrieved for this purpose alone cannot usually be used to identify you.
Marketing
The technical storage or access is required to create user profiles to send advertising, or to track the user on a website or across several websites for similar marketing purposes.
Manage options Manage services Manage {vendor_count} vendors Read more about these purposes
View preferences
{title} {title} {title}