BEBELOKHU bewuvula njalo umpompi abantu baseNkobongweni bephuza bencoma ,bethi mahle amnandi ahlanzekile amanzi avulwe iMeya kaMasipala wesiFunda UMzinyathi u-Petros Ngubane iphelezelwa ngamakhosi namhlanje.Lamanzi abevulwa eNkobongweni akhiphe imindeni ewu-155 yalendawo osizini lokuswela amanzi. “Aqala ukufakwa ezinyangeni eziwu-12 ezedlule njengoba esephuzwa namhlanje,”esho. IMeya Mbovu iwavula inxuse umphakathi ukuba ungazixhumeli amanzi ngokungemthetho ngoba lokhu kuphazamisa ingqalasizinda. “Ompompi abakhona emphakathini njengoba bewu-58 onjiniyela bakalile bayazi ukuthi labompompi bazonenelisa nonke , ningalinge nizame ukuphazamisa loluhlelo ngoba yizo lezizinto ezidala izinkinga amanzi engabe esafika kwabanye.Amanzi enu lawa ngakho waphathiseni okwezikhali zamaNtungwa,” kusho iMeya, uNgubane.NgoLwesithathu oluzayo iMeya iyowavula eZimbubeni amanzi.Nangakini siyeza . Asifikile sigalelekile isigomagoma seNtuntuko uMbovu.
Asinakiwe isakhiwo esidala sesikole saseBlaauwbosch okwafundisa kuso uChief Albert Luthuli
SESASALA sinje isakhiwo esinomlando. Isithombe. SITHUNYELWE ASINAKIWE isakhiwo esidala sesikole samabanga aphansi saseBlaauwbosch, eNewcastle, eNyakatho neKwaZulu-Natal, lapho kwakufundisa khona inqalabutho...