YIZAKHAMIZI ngenkathi kubuyiselwa ama-transformer.Isithombe.SITHUNYELWE
INHLANGANO ephehla iphinde iphakele ugesi izakhamizi kanye nezimboni kuleli i-Eskom imatasatasa ibuyisela ama-transformer ewakhiphe ngemva kokucekelwa phansi izimvula ezinamandla ebezihambisana nesiphepho ngempelasonto edlule.
I-Eskom kuphoqelekile ukuthi iwakhiphe ama transformer abecekelwe phansi zimvula ezinamandla njengoba kumanje iwabuyisela.
UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMfu Thulasizwe Buthelezi, uthe: “U-Eskom umatasatasa ubuyisela ama-transformer owakhiphe emva kokucekelwa phansi yizimvula ezinamandla ebezihamba nesiphepho ezishiye abantu abaningi dengwane ngempelasonto.”
Uqhube wathi uyabonakala umehluko endaweni yaseMondlo ngoba sekubuyiselwe ama transformer angu-13 kwangu-18, kanti nokukhanya kukagesi sekusebenza njengokujwayelekile.
“Ukubambisana phakathi koMnyango wezoMdabu no-Eskom, kuthela izithelo ezinhle ngoba asebuyiselwe amanye ama transformer,” esho esitatimendeni.
“ Sibonga kakhulu ku-Eskom ngokusebenza ngokukhulu ukuzikhandla ukubuyisela ugesi ezakhamizini ezikhahlamezekile.”
“UNgqongqoshe uButhelezi uphinde wavakashela izakhamizi ezikhahlanyezwe yilezi zimvula ezinamandla, kuMasipala wasebaQulusini aqulusi, ehambisana nezikhulu zalo masipala nababhekelele ezezinhlekelele,” kuqhuba okhulumela lomnyango, uMnuz Senzo Mzila sitatimendeni.
Uphethe ngokuthi umnyango uzophinda usiqaphe isimo ukuqinisekisa ukuthi umsebenzi uqhubeka ngendlela kanti, nomphakathi uzokwaziswa ngenqubekela phambili.