IZIKHULU ze ICASA kanye nabezothamela umhlangano wokucobelelana ngolwazi.Isithombe.LANGELIHLE CHAGWE
UBE yimpumelelo umhlangano wokucobelelana ngolwazi obuhlelwe ngabe Independent Communications Authority of South Africa (ICASA), obekuhloswe ngawo ukucobelela ngolwazi abezinkampani zemisakazo ukuthi kumele bazifake kanjani izicela zamalayisensi ezinkampani zabo kanye nendlela yokugcwalisa amafomu,
Lo mhlangano wokihlomisa kanye nokucobelelana ngolwazi ububanjelwe e-Black Rock Casino,e-Newcastle, ngoLwesibili (izolo), lapho bekukhona abanesifiso sokufaka izicelo zamalayisense wezinkampani zomabonakude kanye nezemisakazo.
“Sekusele inyanga eyodwa vo luvale uhlelo lokufaka izicelo zamalayiseyinsi njengoba kuvalwa mhlaka 20 June 2025,” kusho uBusisiwe Mashego oyi Licensing and Compliance Officer, eqhuba ethi, kumele kuqikelelwe ukuthi ungamaphesenti angu-80 (80%), umculo wakuleli okumele udlalwe emsakazweni yomphakathi.
Uqhube wathi , uma nifaka izicelo zokuthola amalayisensi kumele niqikelele ukuthi nikubeka kucace ukuthi eyenu imisakazo yini lena ezobe iyenza ehlukile kunalena evele ikhona (uniqueness), kumanje.
Uthe uma umsakazo uzothi uzokwenza osekuvele kwenziwa ngomunye umsakazo ovele usunayo ilayisensi, lokho kuzodala ukuthi isicelo singaphumeleli.
“Kubalulekile kakhulu ukuhlangabezana nomqalajuqu wangomhlaka 20 June 2025, njengoba izicelo ezizofika ngale komqamlajuqu zingeke zimukelwe,” esho.
Uphinde wakuveza ukuthi imali yokufaka isicelo engu-R 4 719.00 kumele ihambisane nefomu lesicelo futhi akumele ihambe amacozucozu (proof of payment in full).
Uthe kubalulekile ukuthi bonke labo abalindeleke ukuba bafake izicelo bakuqikelele ukuthi bafaka zonke izinto ezidingekayo ukuze izicelo zabo zibe yimpumelelo.
“ Kumele baqinisekise ukuthi noma ngabe kukhona okuncane kangakanani okuphathekayo okukhuluma ngenkampani yakho kumele ukufake , futhi kumele kubekhona nezincwadi ezisayindiwe yizakhamizi ezivumelana nokuthi uthole ilayisensi,” kuqhuba uMashego.
Uthe uhlelo lwakho (3 to 5 years financial plan), lwezimali olusukela eminyakeni emithathu kuya kwemihlanu alusali ngaphandle.
“ Kumele abafaka lezi zicelo bakuqinisekise ukuthi kukhona izimenenja kanye namalunga ebhodi , kanti nabo laba kumele basayinde yonke indawo, futhi kubekhona nezinqumo ezisayindiwe ezithathwe emhlanganweni (resolutions),”kusho yena.
Uthe ziningi izinto ezingenza ukuthi izicelo zingaphumeleli okubalwa kuzo ukungagcwaliswa kwamafomu ngokuphelele, ukungasayindwa kwawo, ukukhokha imali eshodayo, ukungahlinzeki le bhodi ngezinqumo, ukuthumela amafomu amadala ezicelo, inkampani engakayihlanganisi iminyaka emibili ngesikhathi sokufaka isicelo kanye nokungahambisani nemigomo nemibandela yakwa ICASA nokunye nokunye.
Uphethe ngokunxusa labo abazofaka izicelo ukuthi bafake konke okudingekayo futhi bazifake kungakashayi isikhathi esingumqalajuqu ukuze izicelo zabo zizophumelela.