LIGWETSHWE udilikajele ikhehla (53), eladlwengula intombazanyana eyabe ineminyaka ewu-12, ngonyaka u-2021. Leli khehla ligwetshwe yiNkantolo yesiFunda yaseGreytown emva kokuba lilahlwe ilo leli cala lokdlwengula intombazanyana. Kuvelile enkatolo ukuthi isizulu sabizwa ngamathishela ukuba size kuwo emva kokuba ebonile ukuthi indlela yokuziphatha isishintshile futhi ayiseyinhle , kanti ayijwayelekile. “ Isisulu sabizwa ngamathishela emva kokuba esibona sesishintshe indlela yokuziphatha,” kusho okhulumela amaphoyisa kusiFunda aseMzinyathi uConst Siyabonga Nkwanyana. Uqhube wathi isizulu sabizwa ngamathishela sabuza isizulu ukuthi yini ngaphambi kokuba babize amalunga omndeni okuyilapho isizulu esabe sineminyaka ewu-12, satshela khona othisha nelunga lomndeni ukuthi sabe sidlwenguliwe yilomlisa, babe sebesithatha besisa kudokotela , owakuqinisekisa ukuthi sabe sidlwenguliwe ngonyaka u-2020, eSolomon Village, khona eGreytown. Uthe idokoto labe selundluliselwa ku-Sgt Richard Gilden, woPhiko walabaphenyi abasebenza ngaphansi kwe Greytown Family Violence, Child Protection and Sexual Offences Unit. “ Emva kokuboshwa kwaleli khehla , lanqatshelwa ibheyili kwaze kwafika isikhathi sokuba ligwetshwe ngelendlule,” esho. Ube esegwtshwa udilikajele kwase kuthi igama lakhe lafakwa ngaphansi kwe-National Register for Sex Offenders. Bathe lesigwebo sizothumela umlayezo onqala , othi abenzi balokhu ngeke babekezelelwe emphakathini, futhi babonga kakhulu indima eyadlalwa ngamaphoyisa ekuboshweni kwaleli khehla ngoba laboshwa emva kwezinsuku ezintathu kanti nolibo fuzo lamhlanganisa nalesigameko sokunukubeza isizulu.