UNTOKOZO Dlamini Nzama oneminyaka engu-46 , ugwetshwe udilikajele i-Nkantolo yesiFunda i-Greytown, emva kokulahlwa yicala lokubulala elenzeka ngo Agasti, 2024, epulazini i-Excel Farm, e-Kranskop.
Kubikwa ukuthi ngo Agasti 2024, kwatholakala isidumbu somuntu wesifazane epulazini eselibalulwe ngenhla (Excel Farm), sinamanxeba amaningi ekhanda.
Okhulumela amaphoyisa esiFunda uMzinyathi uConstable Siyabonga Nkwanyana uthe esitatimendeni, uDlamini Nzama ugwetshwe udilikajele emva kokuba elahlwe icala lokubulala owesifazane ngonyaka u-2024.
Uthe esitatimendeni, kwatholakala isidumbu somuntu wesifazane epulazini i-Excel Farm, sinamanxeba amabi ekhanda , eseshonile ngo Agasti 2024.
“Lona wesifazane kwakubikwe ukuthi unyamalele njengoba kwabe sekutholakala isidumbu sakhe emva kwezinsuku kubikwe ukuthi ulahlekile.
“Uphenyo lwa maphoyisa olunzulu lwaholela ekuboshweni kuka Dlamini Nzama eboshwa kumphenyi wecala uSergeant Nonkululeko Zuma, wethimba labaseshi e-Kranskop,” kusho uConstable Nkwanyana esitatimendeni, eqhuba ethi , uphenyo lwabo lwakuveza ukuthi kwaba nenxabano phakathi kukamufi kanye noNzama, eyaholela ekutheni andlule emhlabeni lona wesifazane elingadalulwanga igama lakhe.
Uthe esitatimendeni, kwavela ukuthi uDlamini Nzama wabe ekade eyisinqandamathe salona wesifazane ambulala.
Kuvelile ukuthi uDlamini Nzama wenqatshelwa ibheyili kwaze kwafika isikhathi sokuba agwetshwe mhlaka 16 Ephreli 2025.
Uphethe ngokuthi esitatimendeni, uDlamini Nzama ube eselahlwa icala lokubulala wabe esegwetshwa udilikajele.
UKhomishana wamaphoyisa esiFunda uMzinyathi uMajor-General Francis Slambert uncome kakhulu umsebenzi owenziwe kumphenyi wecala uSergeant Zuma. Uthe lesi sigwebo sizothumela umlayezo onqala kulaba abaqhubekayo nokwenza amacala okuhlukumeza izingane kanye nabesifazane ukuthi bazosuswa