UQWETSHWE udilikajele umsolwa owadlwengula owesifazane endlini yangasese e-Greytown.
INkantolo yesiFunda yaseGreytown igwebe umsolwa oneminyaka engu-32, udilikajele emva kokuba elahlwe icala lokudlwengula owesifazane endlini yangasese. Kuvelile eNkantolo yesiFunda esibalulwe ngenhla ukuthi ngo-January 2021 , kwavulwa icala lokudlwengula esiteshini samaphoyisa aseGreytown, lokudlwengulela owesifazane endlini yangasese yomphakathi. Kuphinde kwavela ukuthi umgilwa wabe ezothenga igilosa, ngenkathi, lomlisa ayengamazi embamba ngesankahlu emdonsela endlini yangasese lapho afika khona wamkhumula izingubo zakhe, wabe esemdlwengula. Ngokusho kokhulumela amaphoyisa esiFunda Umzinyathi uConst Siyabonga Nkwanyana, emva kokumdlwengula , wabe esemsabisa ngokuthi uzombulala uma eke wathi vu ngokwenzekile, kodwa umgilwa akumvimbanga lokwesatshiswa ngoba wathi uma ephuma endlini yangasese wabikela omunye wesilisa owabe eseduzane. Uthe ngokwelekelelwa ngunogada owabe eseduze wabe eseboshwa lomsolwa owabe egile lomkhuba. “ Icala labe seliphenywa ngu-Sgt Richard Gilden, ongaphansi kophiko lwe-Greytown Family violence, Child Protection and Sexual offences Unit, oqinisekisile ukuthi uliphenya ngendlela ukuze umsolwa lona athole lesigwebo sikadilikajele. Lomsolwa ube esetholakala enecala wabe esegwetshwa, udilikajele.. Uphethe ngokuthi ukusebenzisana kakhulu nomphakathi ikona okwenze lomgili wobubi aboshwe futhi agwetshwe udilikajele.