BAGWETSHWE udilikajele umuntu ngamunye kanye neminyaka ewu-62, abadubula babulala umshayeli webhasi e-Uitval, ngomhlaka 30 September 2021. USifiso Hendry Nkomo Mabaso (30), kanye no Nkosiyazi Moses Majozi (34), bagwetshwa udilikajele kanye neminyaka ewu-62, emva kokuba belahlwe icala lokubulala , ukubamba inkunzi behlomile uMnu Sipho Lesley Luvuno , owabe eneminyaka ewu-65, ngenkathi ebulawa , baphinde balahlwa elikotholakala nesibhamu esingekho emthethweni kanye nezinhlamvu. Kuvelile ukuthi laba uMabaso noMajozi badubula bambulala uMnu Luvuno ngenkathi esedepho yamabhasi base beyabaleka emva kokudubula, okwathi emva kwesikhathi ngalo usuku lwesigameko baphinde bazama ukubulala omunye umshayeli webhasi ngasebhulohweni laseTholeni. Kuphinde kwavela ukuthi ngenkathi bezama ukumdubula sanxapha isibhamu azange iphume inhlamvu (firearm jammed), kodwa bakhona ukubamba inkunzi behlomile bamthathela izinzo zakhe ayeziphethe babe sebeshaya utshani, Kuvelile ukuthi konke lokhu babekwenza phambi komphakathi futhi babekuhlelile. Omunye owabe eyingxenye yomphakathi kwabe kuliphoyisa elabe lingawugqokile umfaniswane elazibonela ukusuka nokuhlala kuzanywa ukubanjwa inkunzi omunye umshayeli webhasi, futhi alizange liziveze ukuthi liyiphoyisa, kodwa into elayenza lafonela ozokwabo basesiteshini samaphoyisa ase Kuvukeni ukuba bazolilekelela. “ Leli phoyisa labe seliqala lijaha imoto yabaselwa ababebaleka ngayo okuthe bangabona ukuthi liyabajaha , baqala badubula bebhekise kulona. Ngenkathi liqhubeka libajaha imoto yabo yaphaphalaza, bayishiya baqhubeka babaleka ngezinyawo,” kusho isitatimende. “ Laba bobabili babe sebeboshwa ngosizo lomphakathi, kwabe sekutholakala isibhamu nezinhlamvu endaweni yesigameko,” sisho kanje isitatimende. Siqhuba sithi isibhamu esatholakala endaweni yesigameko sathathwa sayohlolwa ukuthi asimbandakanyeki yini nesigameko sokubulawa kukaMnu Luvuno , kodwa kwafumaniswa ukuthi siyambandakanyeka, senziwa ubufakazi babse beyagwesthwa babenzi bobubi, emva kokulahlwa icala lokubulala uMnu Luvuno.
ReplyForwardAdd reaction |