INKANTOLO ePhakeme yase Pietermaritzburg, igwebe uSiyabonga Wiseman Ndlovu oneminyaka engu-34 iminyaka engu-22 ngoLwesithathu , emva kokuba elahlwe icala lokubulala indodakazi yakhe eyabe ineminyaka emibili vo yazalwa.
Kubikwa ukuthi uNdlovu waya endaweni eyaziwa ngokuthi i-Bangibizo, eMthwalume, lapho afika washaya khona owabe eyisinqanda mathe sakhe ngenhloso yokusilimaza futhi wasilimaza .
Okhulumela amaphoyisa esiFundazweni saKwaZulu-Natal uLieutenant-Colonel Paul Magwaza uthe esitatimendeni , uNdlovu ugwetshwe iminyaka engu-22 , emva kokuba elahlwe icala lokubulala ngesihluku indodakazi yakhe eyabe ineminyaka emibili ngonyaka ondlule.
“UNdlovu waya endaweni iBangibizo , wafika washaya , walimaza owabe eyisinqanda mathe sakhe,” kusho uLieutenant-Colonel Magwaza, eqhuba ethi, kwabe sekuvulwa icala lokushaya ngenhloso yokulimaza esiteshini samaphoyisa ase Hibberdene.
Uqhube wathi esitatimendeni mhlaka 20 Ephreli 2024, uNdlovu wabuyela kuloyo owabe eyisinqandamathe sakhe, wamfica enesoka elisha, waphoqa ukubona ingane yabo, waphinde wasabisa ngokuthatha loyo owabe eyisinqandamathe sakhe.
“Wabe esebashiya khona lapho wanikela endaweni yase Esiqungeni, lapho afica khona ingane ibhekwe nguninalume,” kusho yena esitatimendeni.
“Wathi uma egasela kulendawo wabe esethatha indodakazi yakhe ngenkani, wayiklinya yaze yafa, wabe esetshela lona owabe eyisinqanda mathe sakhe ukuthi uzosithola kuphi isidumbu sengane yabo,”kuqhuba isitatimende esithunyelwe ngu Lieutenant-Colonel Magwaza.
Uthe esitatimendeeni , kwabe sekuvulwa icala lokubulala esiteshini samaphoyisa ase Hibberdene, wabe eseboshwa maduzane uNdlovu.
“ UNdlovu ugwetshwe iminyaka engu-20 kwelokubulala indodakazi, kwaba iminyaka emibili kwelokushaya ngenhloso yokulimaza , i-Nkantolo ePhakeme yase Pietermaritzburg, emva kokuba ewavume onke lamacala.