USEKELA Meya waseDannhauser nomkhankaso wokukhuculula emawadini angu-13 aseDannhauser, eNyakatho, neKwaZulu-Natal. USekela Meya BTD Langa , njengosihlao wephothifolo yakwaCommunity Services ,uthatha ithuba waphinde wabamba iqhaza elikhulu, lokukhuculula udoti obukeka kabi ezindaweni zasemakhaya. “ Abantu bakulezindawo bachitha udoti kanye namaphampasi noma ingabe kukhuphi okwenza lezindawo zibukeke kabi,” esho. Eqhuba ethi lokhu okwenzi umphakathi ulahle noma yikuphi udoti kubeka izimpilo zabantu encupheni futhi akuhlanzekile, ngoba bachitha noma ngabe emifuleni lapho kubuye kuphuze khona imfuyo amanzi. Uphinde waxwayisa abntu ukuba bangachithi udoti noma ikuphi ngoba akusiyo inhlanzeko kanti futhi nezemvelo azikuvumi lokhu okwenzakalayo ngoba kuncolisa nomkhathi. Uxwayise umphakathi ukuthi uzinakelele izindawo ohlala kuzo ubeke inhlanzeko phambili.Uphethe ngokuthi lolu hlelo luzoqhubekela emawadini amaningi kanti futhi kuyoba uhlelo oluzohlala lukhona.