IMINYAKA engu-23 kowadlengula ngo-2021!UKhayelihle Lembethe oneminyaka engu-38, ugwetshe iminyaka engu-23, iNkantolo yesiFunda emva kokulahlwa icala lokudlwengula alenza endaweni yaseMudeni ngonyaka u-2021. Kuvelile enkantolo esibalulwe ngenhla ukuthi ngoDecember wonyaka u-2921, uLembethe, wahlasela lona wesifazane owabe ebuya edolobheni eya ekhaya, wahlasela ilomlisa osebalulwe ngenhla, washaya ngokuthize ekhanda, wawa phansi wabe esemdlwengula ephindelela. Okhulumela amaphoyisa esiFunda Umzinyathi, uConst Siyabonga Nkwanyana, uthi emva kokumdlwengula umgilwa wabe esemdonsela endlini yakhe lapho afika wandlwengula khona ephindelela. Uqhube wathi umgilwa wakhona ukuphulukundlela wabaleka, wabe eseyovula icala emaphoyiseni,esiteshini saseMuden. “ Icala labe selinikezwa umphenyi osemkantshubovu, uSgt Thembeka Mgobhozi osebenzela uPhiko lweGreytown Family Violence, Child Protection and Sexual offences Unit,” esho. Uqhube wathi uLembethe waboshwa emva kwezinsuku ezimbili, wabe esethweswa icala lokudlwengula ephindelela. Uthe umsolwa wanqatshelwa ibheyili kwaze kuba uyagwetshwa ngelendlule, iminyaka engu-23, ebhadla ejele.