UGWETSHWE iminyaka eyishumi nanhlanu umlisa oneminyaka engamashumi amathathu nantathu(33), emva kokuba elahlwe icala lokudlwengula ingane eneminyaka emine vo.
Lesigilamkhuba sigwetshwe iNkantolo yesiFunda i-Madadeni mhlaka 29 Meyi 2025 emva kokulahlwa ilo leli cala lokudlwengula ingane encane.
Okhulumela amaphoyisa aseNewcastle uLizzy Arumugam uthe esitatimendeni , kugwetshwe umlisa oneminyaka engamashumi amathathu nantathu iminyaka eyishumi nanhlanu , egwetshwa yiNkantolo yesiFunda i-Madadeni.
Uthe esitatimendeni , mhlaka 24 Agasti 2019 lo mlisa ongumalume wengane wabe esele nayo ngenkathi efaka umunwe esithweni sayo sangasese.
Uqhube wathi esitatimendeni, umama wengane wabona ukuthi kukhona okungathi akuhambi kahle enganeni okuthe uma eyibuza yachaza ukuthi umalume wabe enzeni kuyo.
“Umama wabe esethatha ingane wayisa esibhedlela esafike saqinisekisa ukuthi ingane yabe idlwenguliwe , wabe eseboshwa khona ngaleso sikhathi umalume oyisigilamkhuba,” kusho u-Arumugam.
Uthe esitatimendeni , icala labe selinikezwa uSergeant Mbhele ukuba aliphenye , owakhombisa ukusebenza ngokukhulu ukuzimisela okuholele ekutheni agwetshwe lo mlisa.
Ngenkathi egwetshwa lo mlisa kube sekuthiwa akasavunyelwe ukuphatha isibhamu.
Uphethe ngokuthi esitatimendeni , uKhomanda wabasebenza ngamacala athinta abantwana nabesifazane uLieutenant Colonel SL Chapi ubonge kakhulu uSergeant Mbhele ngokusebenza ngokukhulu ukuzimisela ekutheni aletha bonke ubufakazi phambi kwenkantolo obuholele ekugwetshweni kwalomlisa.