IKHABHINETHI laKwaZulu-Natal, eliholwa ngosabambile uNkk Thembeni KaMadlopha-Mthethwa, selithathe isinqumo sokuthi lingenelele ngokuyobheka imigwaqo kanye nezindawo ezikhahlamezwe iqhwa ukuze balekelele, ikhucululwe. Kuvelile ukuthi lesinqumo sithathwe ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi abashayeli bezimoto kanye nabagibeli kuphinde kuqikelelwe ukuthi kubuyiselwa ukuhamba kwezimoto ngokujwayelekile kanti futhi abantu abayabuyela emakhaya nasemisebenzini bephephile. “ Yonke iminyango kahulumeni kanye nabezimo eziphuthumayo kanye nosomabhizinisi banxuswe ukuba basebenze ngokubambisana ukuze kukhucululwe emigwaqeni ukuze izimoto zizohamba ngokujwayelekile.,” esho. Uthe okubalulekile ukuthi kusizwe bonke laba abebevalelekile ngenxa yeqwa batakulwe ukuze bafinyelele lapho bebelibangise khona. Uphinde wanxusa izakhamuzi zaKwaZulu-Natal, ukuba zihambe ngokuqikelela ngoba lesiFundazwe sikhahlanyezwe iqhwa kanye nezimvula ezinamandla. Uthe sesijube abe Road Traffic Inspectorate (RTI), ukuba basiqaphe isimo sokuhamba kwezimoto emigwaqeni ukuze baphephe abantu. Uthe sebehlanganise amathimba azimele kanye nakahulumei aphuthumayo ukuze asiqaphe isimo sesimo emva kokukhahlamezeka iqhwa izindawo eziningi zesifundazwe, kanti ikakhulu laba bajutshwe kulabo abasasvalelekile noma abasale dengwane kuhlasela iqhwa. “ Abasebenzi bezezinhlekelele kanye nabezimo eziphuthumayo bebekhona ngaso sonke iskhathi kulezondawo ebekuvaleleke izimoto zingakwazi ukuhamba ngenxa yesimo sezulu ebesingesihle,” eqhuba. Uthe abezezinhlekelele bebebambisene nabezimo eziphuthumayo kanye nezinye izinhlaka ezizimele bebhekelele ukuphepha kwezakhamuzi ezindaweni ebezikhahlanyezwe iqhwa. Uthe lamathimba asebenza ngokukhulu ukuzikhandla ukuze ahlenge futhi aphephise izimpilo zabantu. Uthe amathimba abizwa nge Municipal Parks ame ngomumo futhi asebenza ngokukhulu ukuzikhandla ekukhuculeni ukuncola okudalwe iqhwa nezimvula ezinamandla. “ Sisebenzisana nezinhlaka eziningi ezizimele ezifana ne-Red Cross , Al Imdaad Foundation kanye nezinye ukunceda abantu abavalelekile ngokudla , amanzi , izingubo ezifudumele kanye nokunye okuwusizo kulesikhathi esinzima,” kusho uKaMadlopha-Mthethwaq. Uqhube wathi baphinde basebenzisane nomnyango i-SASSA kanye neSocial Development ekuncediseni abantu ngokukhulu ukushesha abakhahlanyezwe iqhwa nezimvula ezinamandla. Uthe osonhlalakahle bahambele labo abakhahlamezekile ngenhloso yokubaluleka kanye nokubanika usizo oluphuthumayo, ngoba kuhloswe ukuthi izakhamuzi ziphephe, kulesikhathi sobunzima. Uthe izisebenzi zenkamani ephehla ugesi kanye nezikamasipala zihambele lezindawo ezikhahlanyezwe izimvula kanye neqhwa zagcina zingasenawo umbani , phecelezi ugesi. “ Amaphoyisa kanye namasosha nawo akhona kulezindawo okubonakala ukuthi zihlaselwe isiqhotho kanti nezindiza zabo ezinophephela emhlane zikhona ukuze baphuthume ngazo uma kunesimo esiphuthumayo,” esho, eqhuba ethi iminyango efana nowezempilo, owezemfundo, owezolimo, owezokuthuthukiswa komnotho kanye nezokuvakasha, owezokuthutha kanye nowezokuhlaliswa kwabantu , nabo banezinhlelo zokuqinisekisa ukuthi imindeni ethintekayo kulokukhahlamezeka ithola usizo oluphuthumayo. Unxuse zonke izakhamuzi ukuba zihlale zisiqaphile isimo sokushintsha kwesimo sezulu, ziphinde zilalele izixwayiso ezivela kuzangoma zezulu. “ Sibonga kakhulu ukuzibophezela kwabeRoad Traffic Inspectorate abasebenze ngokukhulu ukuzikhandla bekhuculula imigwaqo, bebambisane nabe SAPS, SANDF, SANRAL, N#TC, RMTC, Agriculture and Rural Development , uCOGTA kuzwelonke , isifundazwe kanye nomasipala basekhaya ngokusebenza ngokukhulu ukuzimisela. Uthe sikhiphe ogandaganda abaningi ukuba bagqelise iqhwa emigwaqeni kanye nezihlahla eziwele emgwaqeni nokunye okuyimfucuza ephazamisa ukuhamba kwezimoto,” kusho yena. Uthe ngezintuba zabo 9 ekuseni bekungahambeki emgwaqeni osuka eMontrose ubheke eJohannesburg. Uthe kubonakala izimoto zihamba kancane zisuke emgwaqeni ogqamuka eHarrismith ulibhekise eMontrose. Ube esexwayisa abashayeli ukuba bangawusebenzisi umgwaqo u-N3 oya eThekwini, ngoba ngasegalaji uShell ulibhekise eMontrose ilapho abantu bebevaleleke khona izinsuku ezimbili. “ Maningi amaloli abevalelekile kulendawo futhi obekunzima ukuthi ogandaganda bakwazi ukukhuculula ngenxa yokuthi abezokutakula bekumele basuse iloli elilodwa ngesikhathi ngaphambi kokukhuculula. Amathimba asebenza ngokukhulu ukuzikhandla futhi siyabona lapho siya khona. “ Sisebenzisa ubuchwepheshe obubizwa ngokuthi icutting edge ukuze sibheke imigwaqo siphinde sisebenzise namakhamera akwa SANRAL ukuqapha isimo. “ Omakhalekhukhwini abasebenzi nenxa yenethiweki kanti abanye babashayeli bezimoto bacimile ngenxa yokuphelelwa amabhetri. Ziningi izimoto eszikhululiwe kanye namabhasi atakulwe emva kokuvaleleka nezingane zesikole,” esho. Uqhube wathi sitakule izimoto eziningi kanye namabhasi amabili abevaleleke kanye nezingane zesikole. Uthe silekelele izingane eziwu-67 ebezivela eQwabi Primary School ebebesuka eThekwini belibangise eQwaqwa. Uthe sifisela bonke laba abasavalelikele kanye nabathandiweyo babo ukuthi baphephe. Ngokulekelelwa ogondaganda imigwaqo eminingi okubalwa lena elandelayo isisebenza ngokujwayelekile, emva kokukhucululwa: Nansi imigwaqo esihambeka:
– N11 – Ladysmith to Newcastle
– N11 AMAJUBA PASS
– R33 – Vryheid to Dundee
– R34 – Newcastle to Memel
– R34 – Newcastle to Bloodriver/Vryheid
– R33 – Vryheid to Paulpietersburg
– R34 – Vryheid to Melmoth
– R69 – Vryheid to Pongola
– N2 – Richardsbay to Piet Retief
Uphinde wanxusa abashayeli bezimoto kanye nezakhamuzi ukuba bangaluthathi uhamba olungabalulekile isimo size sibuyele kwesijwayelekile. “ UMnyango i-Agriculture kanye neRural development , babhizi bahlola umonakalo odalekile ngenkathi kuhlasela izimvula ezinamandla kanye neqhwa,” esho. Uthe nanxa kungakangeneki kwezinye izindawo ezikhahlamezikile kodwa bazogcina befinyelele khona kulezindawo beyohlola isimo. Uthe yize zikhona izinqinamba kanye nezinselelo ababhekene nazo kodwa bazogcina befinyelele kulezindawo okungangeneki kuzo. Uthe uhulumeni wesifundazwe uyaqhubeka ngokukhipha izexwayiso mayelana nesimo sezulu ukuze ziphephephe izakhamuzi. Uthe baxwayisa baphinde baqwashise izakhamuzi besebenzisa izinkundla ezahlukene zokuxhumana ezifana nezinhlangano i-Farmers Association (Department of Agriculture and Rural development), bathumela ama emails, amaSMS komakhalekhukhwini kanye nokuxhumana nqo nabalimi. Uqhube wathi lokhu kuhloswe ngakho ukuxwayisa kanye nokwazisa abalimi ngesimo esikhona. Uphethe ngokuthi izexwayiso zizothunyelwa kubalimi kanye nabanye abangaphansi kwalemboni , kanti futhi nabalimi banxuswe ukuba bavalele imfuyo yabo ezindaweni eziphephile uma sebethole lezixwayiso.