UTHANDOLETHU Makhaya oneminyaka ewu-26 ugwetshe udilikajele emva kokuba elahlwe icala lokudlwengula nokushaya ngenhoso yokulimaza, iNkantolo yesiFunda iGreytown. Kuvelile enkantolo ukuthi owesifazane oneminyaka ewu-38, wasendaweni yaseFrance, eGretown wabe ezihambela kulendawo ngonyaka ofile November 2023, ngezinkathi zasekuseni ngenkathi ethi uwela ibhuloho, elibhekise ekhaya wazithela kuMakhaya owabe esembingelela , wambamba ngenkani wabe esemshaya ngesibhakela ebusweni, wamdonsela ehlathini eliseduzane , wamklinya waze waphelelwa ngamandla wabe esemkhumula izingubo zakhe , wamdlwengula ephindelela. Kuphinde kwavela ukuthi ngenkathi lesigilamkhuba sibhizi nesisulu sisidlwengula kwaqhamuka abalisa ababili abasilamulela kodwa uMakhaya wabaleka uma ebona labalisa. Okhulumela amaphoyisa kwisiFunda Umzinyathi uConst Siyabonga Nkwanyana uthe isizulu salubika lolu daba emaphoyiseni , washesha ukuboshwa lomsolwa ngalo lolosuku lwesigameko ngoba ofakazi laba ababili abalamulela isizulu babe bemaze uMakhaya. Uthe icala labe selindluliselwa kwi Gretown Family Violence , Child Protection and Sexual Offences Investigation , labe seliphenywa nguConst Bongeka Msom, ongazange ashiye ngisho obubodwa ubufakazi ophenyweni lakhe lokhu okuholele ekutheni lomsolwa agwetshwe udilikajele. UKhomishana wamaphoyisa kwisiFunda Umzinyathi usishayele ihlombe lesigwebo futhi usemukelile wathi sothumela umlayezo kwezinye izigilamkhuba nakulabo abasafisa ukugila lomkhuba ukuthi ingalo yomthetho ikuthola ungasazelele. Uphethe ngokuthi ngoba kusagutshwa inyanga yomama ngeke sikubekezelele ukuthi kubekhona udlame olubhekiswe kubo.