NGUNGQONGQOSHE wezeMfundo uMnuz Sipho Hlomuka.Isithombe.SITHUNYELWE
UNGQONGQOSHE wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnuz Sipho Hlomuka ugxeka isigameko sodlame (violence), esenzeke esikoleni samabanga aPhakeme i-Lakehaven Secondary School esingaphansi kwesiFunda uMlazi, lapho kusabalele khona ividiyo ezinkundleni zokuxhumana , abafundi beshaya omunye esikoleni.
Kubikwa ukuthi kusabalele ividiyo ezinkundleni zokuxhumana lapho kubonakale abafundi bakulesikole beshaya omunye umfundi begqoke umfaniswano wesikole.
UMnuz Hlomuka uthe esitatimendeni, uthe lolu dlame aluvumelekile ezikoleni zokuhlaselwa komfundi ngabanye abafundi.
Uthe esitatimendeni, umnyango awuzwani nezigameko zodlame olubhekiswe kwabanye abafundi ngabanye abafundi.
“ Levidiyo ihambisana nokungabekezelelani ngokobuhlanga (racial attacks), kulesi sikole,” kusho uHlomuka esitatimendeni, eqhuba ethi yona levidiyo ikhombisa ukulwa kwabafundi beyisigejana.
Uthe esitatimendeni, umnyango usujube ukuba kwenziwe uphenyo olunzulu mayelana nalesigameko sodlame kulesi sikole.
” Ababhebhezeli baloludlame kumele bayikhothe imbenge yomile,” kusho uHlomuka esitatimendeni.
Uthe esitatimendeni, izikole kumele kube yizindawo eziphephile futhi zakhelwe ukufunda nokufundisa hhayi udlame.
Uqhube wathi labo abenza kungabibikho ukufunda nokufundisa kanye nokuphepha kwezingane kumele babhekane nengalo yomthetho njengoba lokhu kuyicala kanye nezenzo zobugebengu
Uphethe ngokuthi esitatimendeni, lokhu kumele kugwenye futhi bayasigxeka lesi senzo sodlame olwenzeke kulesi sikole.