UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi usekhiphe isexwayiso sokuthi izakhamizi aziqikelele ukuthi azilali nezimbawula njengoba kuyisizini yasebusika futhi kunamakhaza ashubisa umkantsha.
Lokhu kulandelwa ukuthi kundlule emhlabeni abantu abayishiyagalolunye ngempelasonto ezindaweini ezahlukene.
Isitatimende , esithunyelwe ngokhulumela umnyango uMnuz Senzelwe Mzila sithi:” UNgqongqoshe uMfu Buthelezi usendlulise amazwi enduduzo emndenini olahlekelwe ngamalunga awo emva kokundlula emhlabeni ngenxa yokulala nezimbawula.”
Uthe esitatimendeni, uMfu Buthelezi yebo kuyabanda futhi amakhaza ashubisa umkantsha kodwa abantu abaqikelele ukuthi uma sebezifudumezile ngezimbawula bazichithe noma bazikhiphele phandle , ngoba ukulala nazo kuyingozi futhi abantu bayandlula emhlabeni ngenxa yesimoko.
“Esigamekweni sokuqala kundlule emhlabeni abesilisa abayisikhombisa ngenxa yokuhishwa isimoko ePietermaritzburg, “esho, eqhuba ethi , umbiko bawuthole kwabe Provincial Disaster Management Centre, echaze ukuthi lesigameko senzeke e-Henley Dam maduzane naKwaMyadu, mhlaka 28 Juni 2025, ngezinkathi zasebusuku, kutholakala izidumbu zemindeni.
Uthe esitatimendeni, abantu besilisa abaneminyaka esukela kwengu-17 kuya kwengu-50, bahlanganela emzini thizeni emva kokubuya emcimbini.
“Kusolakala ukuthi bahlanganela endlini engurondo (rondavel), base bebasa imbawula njengoba babezama ukuzifudumeza.
“ Emva kwalokho abakhonanga ukuvuka njengoba base beshonile,”kusho uMzila esitatimendeni, eqhuba ethi abane abakwaMtshali abaqhamuka endaweni yaKwaGezubuso okwakukhona nomfundi owenza uGrade-10.
Uthe esitatimendeni, esigamekweni sesibili eThekwini, eWadi 71 ngalo iSonto , kundlule emhlabeni abantu ababili emva kokuba indawo engahlelekile (informal settlement), abebehlala kuyo icekelwe phansi ngumlilo, kwaphinde kwacekeleka phansi izakhiwo eziyishumi nantathu.
Uqhube wathi esitatimendeni, lokhu kwenza isibalo sabantu abandlule emhlabeni ngalempelasonto esisuka kuyo sibe yisishiyagalolunye.
“ UMfu Buthelezi usejube abezimo eziphuthumayo kanye nezinhlaka abasizana nazo ukuba bayolekelela futhi baphinde baluleke ngokwenqondo, kanye nokubeseka ngabadinga ukwesekwa ngakho,” kusho uMzila esitatimendeni.
Uphethe ngokunxusa ukuthi izakhamizi aziqikelele uma zisebenzisa amahitha, izimbawula kanye namajeneretha, ikakhulukazi abazali ukuba baqikelele ukuthi abantwana ababashiyi bodwa, ngenkathi besebenzisa izifudumezi.