ISALE inje imizi kuhlasela izimvula ezinamandla..Isithombe.SITHUNYELWE
UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu uMfu Thulasizwe Buthelezi usememezele ukuthi imindeni emine wakwaMnguni, Mazibuko, Madondo kanye nowakwaMsomi, sebeyitholele indawo yokufihla ikhanda okwesikhashana emva kokuba imizi yayo ibhidlizwe zimvula ezinamandla ebezihambisana nokuduma nezikhukhula.
Kubikwa ukuthi lezi zakhamizi zaseMlazi P Section, zisale dengwane ngenkathi bekuhlasela izimvula ezinamandla ngesonto elendlule.
Kubikwa ukuthi kulimele abantu abayisithupha ngenkathi kwehla lenhlekelele kanti abathathu sebededelwe esibhedlela.
Isitatimende sokhulumela abakwaCogta uMnuz Senzwelwe Mzila sithi:” Laba abakhahlazamekile ngenkathi kuhlasela lezi zimvula ezinamandla batholelwe indawo yesikhashana yokufihla ikhanda ngaphansi kweNkosi yakwaCele.
“ Sisethukile futhi sishaqekile ngenxa yalesigameko,” esho.
Uthe esitatimendeni, umnyango wezezindlu ngaphansi kwakaCogta uzimisele ngokusiza izakhamizi ezikhahlazamekile .
” Siyaxoxisana neNkosi yase Ngonyameni, Inkosi uCele, ukuba ahlalise lezi zakhamizi okwesikhashana njengoba kubonakala ukuthi zisenencindezi yokwenqondo,” esho esitatimendeni.
Ube esenxusa amaphoyisa eTheku (Metro Police), ukuba aqhubeke nokuqapha isimo.
Uthe esitatimendeni, ezithombeni kuyabonakala ukuthi miningi imizi ekhahlazamekile ngenkathi kuhlasela lezi zimvula ezinamandla nezikhukhula.
“ Imindeni ekhahlazamekile iyaluthola usizo eminyangweni kahulumeni okubalwa kuwo owazasekhaya (Home Affairs) kanye nowezibonelelo zikahulumeni (SASSA),” esho esitatimendeni.
Uthe esitatimendeni, le mindeni ilahlekelwe izinto eziningi ezibalulekile kanti nomfundi owenza umatric ulahlekelwe ngumfaniswano kanye nezinsiza kufunda (learning material), kuhlasela lezi zimvula ezinamandla.