NGUNGQONGQOSHE uMfu Thulasizwe Buthelezi nethimba lakhe. Isithombe.SITHUNYELWE
UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi usigxekile isigameko sokuvalwa kwamasango oMkhandlu wesiFunda uMkhanyakude, okusolakala ukuthi kwenziwe yiMenenja kaMasipala kanye noSomlomo.
Kubikwa ukuthi uButhelezi uphoqelekile ukuba ajube izikhulu ukuba zigqekeze izikhiye emva kokuba uMenenja kanye noSomlomo kaMasipala uMkhanyakude bevale amasango ngezingidi ngenhloso yokuvimbela ukuba ungqongqoshe nethimba lakhe bangakwazi ukungena.
Isitatimende esithunyelwe ngokhulumela umnyango wakwaCogta uMnuz Senzelwe Mzila sithi:”uNgqongqoshe uButhelezi uphoqelekile ukuba ajube izikhulu ukuba zigqekeze izingidi njengoba bebevalelwe nguMenenja kanye noSomlomo ukuze bangakwazi ukukhuluma namakhansela aloMasipala uMkhanyakude.”
Uthe esitatimendeni, uButhelezi usigxeke kakhulu isenzo salaba ababili abebebavimbele ukuba bangangeni emasangweni alomasipala, ukuze aqhube umsebenzi wakhe njengoba egunyazwe nguMthethosisekelo wezwe.
“UButhelezi ubephoqelekile ukuba abambe umhlangano,”esho esitaimendeni, eqhuba ethi, uButhelezi utshele amakhansela ukuthi isigungu esiphezulu esiFundazweni saKwaZulu-Natal (Provincial Executive Council), sithathe isinqumo ngaphansi kwesigatshana u Section 139 (10 (b) soMthethosisekelo , esithi lo Masipala ufakwe ngaphansi kweso lo mlawuli.
Uqhube wathi esitatimendeni , lesi gatshana somthetho siphoqa ukuthi omasipala abangasebenzi kahle bafakwe ngaphansi kweso lo mlawului (Administrator).
“UButhelezi ube esememezela ukuthi uMnuz Bamba Ndwandwe kube nguye ozoba uMlawuli (Administrator), njemgoba enawo amagalelo okwenza wona lo msebenzi futhi asewenze isikhathi eside,”esho esitatimendeni.
Uqhube wathi esitatimendeni, uNdwandwe usesebenze isikhathi eside noMasipala abaningi bakulesifundazwe.
UMzila uthe esitatimendeni, uNdwandwe uqale mhlaka 1 Julayi 2025 ukuzosebenza kulo Masipala emele ihhovisi likangqongqoshe.
“UNdwandwe umsebenzi wakhe ukuletha uzinzo kulo masipala aphinde aqhamuke namasu azotakula lo masipala ukuze awukhiphe otakwini obhekelene nalo kwenkohlakalo nokungahambisi izidingo kuzakhamizi,”esho.
Uqhube wathi esitatimendeni, uButhelezi uphinde wajuba ukuthi kwenziwe uphenyo olunzulu mayelana nezinsolo zenkohlakalo kanye nokungaphathwa kahle kwezimali okuvelile njengezinsolo ezibangele ukuthi lo masipala ufakwe ngaphansi kweso lomlawuli.
Uthe esitatimendeni, lolu phenyo lwenziwa ngaphansi kwesigatshana u Section 106 of the Municipal Systems Act, okuhloswe ngakho ukuba kuphenywe ngazo zonke izinsolo.
“Abazotholakala ukuthi bayathinteka ezenzweni zenkohlakalo bazobhekana nengalo yomthetho futhi baphelelwe nangumsebenzi,”kusho uMzila esitatimendeni.
Uphinde wakuveza ukuthi bonke laba abebengekho ngenkathi evakashelo lo masipala ukuba babambisane nalabo abajutshwe ukuba baqhube uphenyo mayelana nalezinsolo zenkohlakalo.
Uthe esitatimendeni, uButhelezi uzibophezele ekusebenzisaneni nabo bonke oMasipala baKwaZulu-Natal.
Uphethe ngokuthi esitatimendeni , uButhelezi uzimisele ngokusebenza ngokukhulu ukuzikhandla ukuze kuphuculwe izimpilo zabantu.