UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu uMfu Thulasizwe Buthelezi uzovakashela izakhamizi esishelwe imijondolo yazo kuqubuka umlilo e-Kennedy Road izolo (ngoMgqibelo),eThekwini.
Kubikwa ukuthi lo mlilo undlule emhlabeni nowesifazane oneminyaka engamashumi amabili nanhlanu (25) , kanye nenganyana enonyaka owodwa vo.
Okhulumela uMnyango wakwaCogta uMnuz Senzelwe Mzila uthe esitatimendeni, uButhelezi uzovakashela le ndawo eyimijondolo eshiswe ngumlilo kusasa (ngoMsombuluko), ukuyobheka umonakalo odalekile , aphinde ahambise nosizo.
Isitatimende esithunyelwe okhulumela umnyango uMzila sithi:” uButhelezi uzohambela le mijondolo ngenhloso yokuhlenga izimpilo zabantu futhi nokuqinisekisa ukuthi isigameko esifana nalesi asiqhubeki.”
Uthe esitatimendeni, uButhelezi uzobe ephelekezelwa izikhulu zomnyango kanti lokuvakasha kuzokwenzeka ngoMsombuluko, eKennedy Road Informal Settlement,eThekwini, isikhathi ngu-12.30.