NGABAYIKHULU abasayinde izinkontilela sokusebenza iminyaka emibili. Isithombe.SITHUNYELWE
UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi wethule uhlelo lokuqashwa kwabazosebenza ngokwetoho iminyaka emibili , ohlelweni olaziwa ngokuthi i-Expanded Public Works Programme (EPWP), koMasipala ababili abancane uNongoma kanye Hlabisa.
Kubikwa ukuthi ngenkathi ezothula lolu hlelo ube esebhekelela (preisided), ngenkathi abasebenzi abayikhulu abayintsha besayinda izinkontileka zabo.
Okhulumela uMnyango uMnuz Senzelwe Mzila uthe esitatimendeni , uMfu Buthelezi ubekhona ebhekelele ngenkathi intsha ezosebenza ngaphansi kwalolu hlelo kwe-EPWP , besayinda izinkontileka.
Uqhube wathi ngalolu hlelo kuhloswe ngalo ukuba kuzolekelelwe omasipala abancane ukuze bakwazi ukuqoqa udoti kanye nokugcina imvelo.
Uthe esitatimendeni, lolu hlelo luzovula amathuba omsebenzi wesikhashana entsheni kuleminyaka emibili engamakhulu amathathu koMasipala uNongoma noHlabisa, kanye nakweminye njengoba sekubekwe isamba esingu-R10million.
“OMasipala uNongoma noHlabisa ngabokuqala kwabayisithupha baKwaZulu-Natal , abazohlomula kulolu hlelo lwe-EPWP, abahlonziwe ukuba bahlomule”kusho uMzila esitatimendeni.
Uthe esitatimendeni, laba abazosebenza basayinde inkontileka yeminyaka emibili , kanti baphinde banikezwa amathuluzi okusebenza kanye nomfaniswano ngoLwesine (izolo).
“OMasipala abaningi bayahluleka ukuqoqa udoti ngenxa yokushoda kwezimali ikakhulukazi ezindaweni ezisemakhaya,”kuqhuba yena esitatimendeni.
Uthe esitatimendeni, lokhu kulimaza imvelo , kungcolise amadlelo kanye nemifula futhi kuyingozi ezimpilweni zemfuyo ukudla emadlelweni angcolile.
Uqhube wathi esitatimendeni, ngempela omasipala abancane bayehluleka ukuqoqa udoti ngenxa yokungabibikho kwezimali.
“Namuhla siqale ngokuqasha abayikhulu kulaba oMasipala bobabili uNongoma kanye noHlabisa , abazoqala ukusebenza ngoJulayi 1, “esho, eqhuba ethi, ukuba nalolu hlelo kubalula ekutheni ungenelele uma ukuqoqwa kukadoti kungaqhutshwa ngendlela.
.Uqhube wathi esitatimendeni, sisebenzisana noMnyango weZemvelo ozosilethela imigqomo kadoti (bins), ezosilekelela ekutheni sifake udoti kanye nokugqamuka nezindlela ezithize ezizosiza ekutheni sigcine imvelo ihlanzekile.
Ëkugcineni lolu hlelo kuhloswe ngalo ukuthi livule amathuba omsebenzi entsheni,”kusho uMzila.
Uthe esitaimendeni , lolu uhlelo lokuqala (first phase), lokudala amathuba omsebenzi kanti neminye iminyango izongenelela kulo lolu hlelo nayo iphinde iqashe intsha.
Uphethe ngokuthi kuzosizakala kakhulu abantu abasebenzisa imfucuza ukuze bakhande imali (recycle), njengoba beqoqa imfucuza ukuze bayisebenzisele okunye okuzodala amathuba omsebenzi.