UHULUMENI waKwaZulu-Natal, usendlulise amazwi enduduzo emndenini , izihlobo kanye nakubangani emva kokuba owesifazane endlule emhlabeni emva kokuhlaselwa amakhaza. Obambe njengoNdunankulu uNkk Thembeni KaMadlopha-Mthethwa uthe sithanda ukundlulisa amazwi enduduzo emndenini emva kokuba belahlekelwe Ilunga lawo , kulesikhathi sobunzima ababhekene naso. Kuvelile ukuthi lona wesifazane undlule emhlabeni ngenxa yesifo sehypothermia, emva kokuba ebevaleleke emgwaqeni KwaZulu-Natal Midlands. Kuphinde wavela ukuthi ngenkathi befika abezimo eziphuthumayo i-Midlands EMS Rescue Medics Report’s Howick , ebebekhishwe i-Merrivale , emva kokuthola ukuthi sekukhona owesifazane owile, ngenxa yokuthi ubevelele emakhazeni ubusuku bonke ehlezi etekisini. Uthe letekisi ibisukla eJohannesburg ilibangise KwaZulu-Natal, ngenkathi kuvela lomshophi. Kuphinde kwavela ukuthi itekisi limile ngenhloso yokuthi abagibeli bathole okuya ngasethunjini ngenkathi kuvela lenhlekelele. “ Bathe uma befika abezimo eziphuthumayo bathola ukuthi lona wesifazane ubesewile ngenxa yehypothermia kanti ubedingo usizo lwezempilo oluphuthumayo,” esho. Kuphinde kwavela ukuthi ngesikhathi bemphuthumisa esibhedlela isimo sibe sesishuba , kwathi nemizamo yokumhlenga yangaphumelela , wabe eseyandlula emhlabeni besamphuthumisa khona esibhedlela. Uphethe ngokuthi bathe befika esibhedlela baqinisekisa ukuthi usendlulile emhlabeni.
Asinakiwe isakhiwo esidala sesikole saseBlaauwbosch okwafundisa kuso uChief Albert Luthuli
SESASALA sinje isakhiwo esinomlando. Isithombe. SITHUNYELWE ASINAKIWE isakhiwo esidala sesikole samabanga aphansi saseBlaauwbosch, eNewcastle, eNyakatho neKwaZulu-Natal, lapho kwakufundisa khona inqalabutho...