UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMfu Thulasizwe Buthelezi, ngoLwesihlanu lukaNovemba 1 uzovakashela uMasipala uMsunduzi okhungethwe izinkinga zokusweleka kwamanzi ngenhloso yokuyohlola ukuthi zihanjiswa ngendlela yini izidingo ezakhamizini ezingaphansi kwalo masipala.
Kuzokhumbuleka ukuthi lo masipala ubunezinkinga zokungabi nozinzo kwaze kwaphoqeleka ukuba ufakwe ngaphansi kweso lomlawuli. Phakathi kwezinselelo eziningi ebezibhekene nalo masipala, kubalwa nokwesweleka kwamanzi.
“Lo masipala unezingqinamaba zokusweleka kwamanzi futhi ngizimisele ngokuhlangana nobuholi bawo ikakhulukazi abezamanzi nokuthuthwa kwendle ukuze bangicacisele ukuthi inkinga ikuphi yokuphakelwa kwamanzi ezakhamizini,” kusho uButhelezi.
Uthe bazophinde babe nomhlangano nebhodi loMngeni-uThukela Water, ukuze kuzanywe ukuphuma nesixazululo sokwesweleka kwamanzi kulomasipala wasoMsunduzi.
“Ngeke sigcine ngokuvakasha kuphela, kodwa sizofisa nokwazi ukuthi bayawakhokhela yini abantu amanzi kanye nezidingo abahanjiselwa zona”.
Umhlangano wokuqala uzoba seHaythorne Water Pump Station, Woodlands, eMgungundlovu, ngo-11 ekuseni, owesibili ube se-A.S Chetty Building, CBD, khona eMgungundlovu, ngo 12 emini.