IHOLLYWOOD Foundation ibambisene ne-AmaZulu Community Trust bamemezele ukuqala komqhudelwano webhola waminyaka yonke iSiyakhula Cup Under 15 okuhloswe ngawo ukukhulisa ibhola likanobhutshuzwayo emazingeni aphansi.
ISiyakhula Cup Under 15 ka-2024 izodlalelwa eHollywoodbets Kings Park Outer Field, eThekwini, kule mpelasonto esiya kuyo kaNovemba 16 no-17, lapho kuzobe kudlana imilala amaqembu ebhola angu-16 abafana nawamantombazane, okubalwa nawezikole.
Ukuqhathwa kwamaqembu azobamba iqhaza kulo mqhudelwano wangempelasonto, kuzokwenziwa ngoLwesithathu, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Okhulumela i-Hollywood Foundation, uKuhle Mkize, uthe: “Njengoba i-Conferderation of African Football (CAF) itshale kakhulu ebholeni likanobhutshuzwayo kubadlali abeneminyaka engu-15, i-Siyakhula Cup bayibona iwumgudu omuhle olungiselela abadlali ukuthi baqhudelane nabamazwe angomakhelwane.
I-South African Football Association (SAFA) nayo isinomqhudelwano ezowulandelela, ozokhiqiza abadlali bangomuso abangagcina sebedlala esigabeni sebhola esiphezulu sakuleli, i-Betway Premiership,” kusho uMkize.
UBukelani Mthembu we-AmaZulu Community Trust nowayeyingxenye yokuqala nokusebenzisana ngenkathi kuqala ubudlelwano balezi zinhlaka, uthe: “Njenge-Amazulu Community Trust siyaziqhenya ngokuba yingxenye yokuthuthukisa ibhola likanobhutshuzwayo elisemazingeni aphansi.
I-Siyakhula Cup isinika ithuba elihle lokuvumbulula amakhono avele esekhona kubadlali abasebancane. Siyabaonga kakhulu ukuthola abaxhasi abafana ne-Hollywood Foundation abazibophezele ekukhulisweni kwalolu hlelo lokukhulisa nokuthuthukisa ibhola elisemazingeni aphansi nasentsheni.
Lo mqhudelwano yiwona ozovumbulula amathalente uphinde icije abadlali abasebancane ngamakhono ebholeni lezinyawo,” kusho uMthembu.
UMenzi Ngcobo, oyi-Senior Sponsorship Coordinator kwi-Hollywood Group, uthe: “Ngalo mqhudelwano i-Siyakhula Cup sihlose ngayo ukuvulela abadlali bebhola abasebancane amathuba neminyango engeke iphinde ivaleke ikakhulukazi labo abahlala ezindaweni ezisemakhaya.
Inhloso yethu ukunikeza laba badlali abasebancane amathuluzi namakhono abangeke bawakhohlwe futhi azobaphenyela indlela yokuyodlalela amaqembu aphezulu kanye nokubagqugquzela ukuthi babe nogqozu kwezemidlalo.
Sikubona kubalulekile ukuthi sitshale entsheni nasekuyinikezeni izindlela ezinhle eziya empumelelweni, nokuthuthukisa ibhola elisemazingeni aphansi, ngoba eNingizimu Afrika sikubona kubalulekile ukuthuthukise isiko lezemidlalo, siphinde siphendlele abafana abasebancane indlela eya empumelelweni.”