IZAKHAMUZI zaseMacambini ngaphansi kukaMasipala waseMandeni, zisokolele amanzi isikhathi eside, kodwa lokho sekuyofana nephupho. Lokhu kulandelwa ukuba uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uNkk Bongiwe Sithole-Moloi, ezothula isiphehli manzi (Macambini Water Scheme), esidle izigidi zamarandi (multi million rand). Kuvelile ukuthi lesikimu esidle imali ewu-R500 million, sizothula umthwalo wabantu bakulendawo abebesokolela amanzi ahlanzekile futhi asebewahluphekele isikhathi eside. Kuphinde kwavela ukuthi ukuzothula lesikimu kuzokwenza kusizakale amathawuzenti abantu abakhele lomasipala osubalulwe ngenhla. “ Ngokusho kukangqongqoshe esitatimendeni inyanga kamashi yaziwa ngokuthi i-National Water Month, yingakho sibone kubalulekile ukuba sethule lesikimu ngayo inyanga yezmanzi,” kusho yena. Uqhube wathi ngaphandle kokwethula lesikimu umnyango aphathiswe wona uzophinde wethule iholo lomphakathi eWadi 13 kanye nokundlilisela indawo yokhubhukuda (Handover Mandeni Community hall and handing over Sndumbili Swimming Pool). Ube esemema bonke abezindaba ukuba babe yinxenye yokuhanjiswa kwezidingo ezibalulekile kubantu kanti lokhu kuhlelwe kanje:
Usuku: 19 March 2024
Indawo yokuhlanganela: KwaNgcedomhlophe Sportsfield, Mandeni
Isikhathi: 09:00 ekuseni
Uma kukhona ofuna ukukubuza ungaxhumana noMnu Siboniso Mgadi, Media Liaison Officer
Cell: 078 1063911
Noma :uNonala Ndlovu: Head of Communications:
Cell: 066 2826 903.