NGUNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu,uMfu Thulasizwe Buthelezi, ngenkathi ethula umbiko ngesimo sikaMasipala uMsundizi
“SILAPHA kuMasipala uMsunduzi sihambisana nekomiti likazwelonke elibhekelele ukusebenza komasipala (Cogta Portfolio Committee) kuzwelonke, eliholwa nguDkt Zweli Mkhize, nobuholi bomdabu, ngenhloso yokuzobheka ukuthi ukhona yini umehluko nozinzo kulo masipala selokhu kwangenelela umnyango.”
Lawa ngamazwi ashiwo nguNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uMfu Thulasizwe Buthelezi, esitatimendeni esithunyelwe kwabezindaba ngenkathi bebevakashele uMasipala uMsunduzi ngoLwesithathu mhlaka 9 October 2024,behambisana nekomiti eliholwa uDkt Mkhize ngenhloso yokuyobheka umehluko nenqubekela phambili esiyenziwe yilo masipala ekuhanjisweni kwezidingo emphakathini, selokhu kwangenelela uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu.
“Lukhona uzinzo nenqubekela phambili, kodwa isekhona ingqinamba yokuhanjiswa kogesi namanzi ezakhamizini. Lo masipala usunazo izindlela zokusebenza, nezinhlelo zokuthi ugesi namanzi kuhanjiswa kanjani emphakathini.
Ngizobuya ngesonto lokugcina lale nyanga ka-Okthoba, kulo masipala. Uma ngiphindela ngizobe ngihamba nenkampani ephehla ugesi, u-Eskom, ngenhloso yokuzama isixazululo sokuphakelwa kukagesi namanzi kulabo abasasilele,” kusho uMfu Buthelezi.
“Lukhona impela uzinzo selokhu sangenelela singumnyango, kunomehluko omkhulu, kuyasebenzeka nanxa kusekhona izakhamizi ezingenawo ugesi namanzi.
Sibonga umkhandlu wakule ndawo ngokuzibophezela ekusebenzisaneni nomnyango ukuze kube nozinzo kulo masipala ebekubonakala ukuthi uguqa ngedolo.
Singumnyango siyajabula kakhulu ngokuqinisekisa kukaMasipala uMsunduzi ukuthi uyabambisana nathi kusetshenziswane ukuze kusiwe izidingo kubantu.”
Ngokusho kukaButhelezi, amakhansela nabasebenzi bomasipala waseMsunduzi bakhombise ukuba ngabaholi bempela ngoba bakwazile ukuzibophezela ekuletheni uzinzo kulo masipala.
“Ukuzibophezela kwabo nokuzinikela kuyabonakala, ngoba lo masipala ubuqeda kufakwa ngaphansi kweso lo mlawuli, kodwa uzijikile izinto ngoba isikhona inqubekela phambili nozinzo. Uma kusetshenziswana kuba nomphumela omuhle.”
Ube eseveza ukuthi ikomiti elibizwa nge-Municipal Public Accounts Committee (MPAC), nalo liwuncomile umbiko elithunyelelwe wona ngalo masipala, ngenxa yokungenelela komnyango okuthele izithelo, njengoba sekubonakala ukuthi azikho izimali zalo masipala ezimosekile noma ezingasebenzanga ngendlela efanele.
OyiMeya yoMsunduzi, uMnuz Mzimkhulu Thebolla, ube esehola leli komiti elibhekelele ukusebenza komasipala, eyolikhombisa ama-projekti asebewenzile, waphinde wabachazela nangamasu ababenawo ekuqinisekiseni ukusetshenziswa ngendlela kwezimali zikamisapala.