KWESOKUNXELE nguSekela Meya uKhansela Shaka Sithole, uMeya uKhansela Thembelihle Mthembu kanye noSomlomo uKhansela Siphamandla Zulu.Isithombe. SITHUNYELWE
KWEMUKELWE uMeya omusha uKhansela Thembelihle Mthembu kanye neSekela lakhe uKhansela Shaka Sithole , abagcotshwe izolo emva kokuba kwakuvuleka lezi zikhala ngoDisemba ka-2024, emva kokuba kwesula owabe enguMeya uMntwana Ndabuko Zulu.
UMeya Mthembu noSekela wakhe uKhansela Sithole bagcotshwe baphinde bamukelwa ngokusemthethweni ngoLwesithathu (izolo), ngenkathi bekunomcimbi wokugcotshwa kwabo obubanjelwe emahhovisi kaMasipala Amajuba , obuhanjelwe amalungu ekomiti eliphezulu (Executive Committee), Amakhansela, abaholi bendabuko kanye nezinye izinhlaka.
Kuzokhumbuleka ukuthu osenguMeya walo Mkhandlu Amajuba selokhu aqgogqobala lesi sikhundla ngoDisemba 2024.
Kuvelile ukuthi uKhansela Sithole yena uqokelwe kwesikaSekela Meya walo Mkhandlu Amajuba ngaphandle kokuphikiswa (elected unopposed).
Isitatimende esithunyelwe ngoyiNhloko kwezokuXhumana uMnuz Sbonelo Cebekhulu sithi:” uKhansela Sithole unamava ekuholweni ko mkhandlu kanti futhi unesipiliyoni esiningi njengomholi.”
Uthe esitatimendeni , uKhansela Sithole osenguSekela Meya uqokelwe kulesikhundla ngaphandle kokuphikiswa.
“Sizizwa sijabule kakhulu ngokuqokwa kuphinde kugcotshwe uMeya uMthembu kanye neSekela lakhe uSithole,” kusho oyibamba lika Menenja kulo Mkhandlu Amajuba uMnuz Thubelihle Buthelezi esitatimendeni.
Uphethe ngokuthi esitatimendeni , siyabuthemba lobuholi obuqeda kuqokwa ukuthi buzathatha lo masipala buwuse ezingeni eliphezulu kanye nokuhanjiswa kwezidingo emphakathini ngendlela.