UMNYANGO weZemfundo KwaZulu-Natal, unxuse othishanhloko basesifundazweni ukuba basheshe badedele abafundi nabasebenzi ngehora lokuqala ngenxa yesimo sezulu. Kuvelile ukuthi izangoma zezulu ziqagule ukuthi kungase kube khona izimvula ezinamandla ezihambisana nokuduma kwezulu, yingakho kunxuswe ukuba basheshe badedelwe. Okhulumela umnyango uMnu Muzi mahlambi uthe esitatimendeni makusheshe kukhululwe abafundi nabasebenzi emva kokuba abezangoma zezulu bekhiphe isixwayiso sokuthi kulindeleke izimvula ezinamandla namuhla mhlaka 17 January 2024.Uthe lesixwayiso sikhishwe ngoyinhloko yomnyango uMnu Nkosinathi Ngcobo, emva kokuba abezangoma beqagule ukuthi kuzobakhona izimvula ezinamandla. Uphethe ngokuthi bonke othishanhloko banxuswe ukuba badedele izingane ngehora lokuqala zingakani lezimvula eziqaguliwe.