UMNYANGO weZemfundo KwaZulu-natal, usukhiphe umyalelo othi makusheshwe kukhululwe othisha abafundi Kanye nabasebenza emahhovisi uma bebona isimo sezulu sezulu sishintsha ngoba kuyingozi. Oyinhloko yomnyango uMnu Nkosinathi Ngcobo uthe esitatimendeni othishanhloko kumele basheshe bakhulule othishanhloko , abafundi Kanye nezisebenzi, njengoba izangoma zezulu sezikhiphe isixwayiso sokuthi namuhla mhlaka 17 january 2024, kulindeleke izimvula ezinamandla ezihambisana nezikhukhula. Kuvelile ukuthi ukhiphe lesixwayiso emva kokuba abe-South African Weather Services, beqagule ukuthi kulindeleke izimvula ezinamandla. Bonke othishanhloko batshelwe ukuthi badedele izingane ngehora lokuqala. Uthe ukuphathwa kahle kwezikole namahhovisi kulesikhathi sezikhukhula nezimvula ezinamandla kulele emnyangweni. “UMnyango wezemfundo iwona obhekelele ukuphathwa kwezikole zomphakathi Kanye nezalabafundi abadinga ukunakelelwa okuhlukile (Special Needs0,”esho. Uthe eminyakeni emining endlule isifundazwe besibhekene nezimvula eziyimbelesela ebezikhahlameza izikole ezakhiwe ezindaweni eziphansi. Uqhube wathi kuzo zonke lezikole bebengatholi umbiko mayelana nokucekeleka kwazo phansi kodwa bekumele bahlale beziqaphile izimo zazo ngawokhozi. “Kusukela ngonyaka u-April 2022, kwamele bakuqinisekise ukuthi izikole namahhovisi ayayilandela imithetho migomo Kanye nemibandela yomnyango, uma kuhlasela izimvula ezinamandla, Kanye nemimoya, konke lokhu okubeka izimpilo zabafundi, othisha Kanye nezisebenzi encupheni. Uthe ukuguguleka kwenqalasizinda efana nomgwaqo kungaholela ekutheni abafundi namathishela bangafinyeleli ezikoleni, kanti nokudla okudliwa yibo abafundi kugcine nakho kungafikile. Uthe yingakho sekunalemigomo elandelayo: * Othishanhloko kumele baqikelele ukuthi bayaxhumana nabazali bezingane ngaso sonke isikhathi ngaphambi kokuba babathumele esikoleni ukuhlola isimo ngesikhathi sezimvula.
*Othishanhloko uma bebona ukuthi isimo sezulu asisihle batshele abazali bangazithumeli izingane ezikoleni.
*Uma kwenzekile lana izulu abantwana sebevele besesikoleni othishanhloko kumele bahlole isimo uma singavumi bangabadedeli ukuba bahambe.
* Uma kunesimo sokuguguleka komgwaqo noma ukuphephuka kwesikole noma amahhovisi kumele basheshe babikele umnyango.
*Izimenenja noma abaphathi kumele baqikelele ukuthi bahlale bexhumana nothishanhloko uma bezwe ngesimo sezulu.
*Othishanhloko kumele bahlale benamasu okubuyisa isikhathi esilahlekile (catch-up plans)
*Umnyango awuzimisele ngokuthi kuphume umphefumulo ngenxa yezikhukhula Kanye nokuphephuka kwezikole namahhovisi.
* Abasebenza emahhovisi kumele nabo baqikelele ukuthi bahlola isimo sezulu kuqala ngaphambi kokuba baphume emakhaya.