UNGQONGQOSHE we-Employment and Labour, uMnu Thulas Nxesi, uthi sebexhumeni nezikhulu ezithile ezingaphakathi kuhulumeni, mayelana nokuphasiswa kwepholisi ebizwa ngokuthi i-National Employment Policy (NEP), kanti futhi umnyango sekulimdeleke ukuba uye kwi Phalamende (Cabinet), ekupheleni kukaFebruary 2024, ukuba kuzokhishwa lokhu asebekushicelele emphakathini. Uthe lokhu kuhloswe ngakho ukuba kuphoqwe ukuthi ayakhula amathuba emisebenzi. “Lepholisi kuhloswe ngayo ukuba ithinte kakhulu izinto ezifana nokuqasheka kwabantu kanye ne-National Labour Migration Policy (NLPMP), lokhu okuthi phecelezi ukuqasheka kwabantu bakwamanye amazwe kulawuleka kanjani,”esho. Uqhube wathi i-NLMP, okuyipholisi ehlongoziwe kanye ne-Employment Services (ES), Bill , sekwethuliwe ePhalamende nakusishayamthetho. Uqhube wathi umnyango wakhe kanye nawazaseKhaya (Home Affairs), babhizi basebenza ngawo lomthetho ohlongozwayo, obizwa ngokuthi i-National Labour Migration Policy, okubhekeleke ukuba isebenze baqasheka noma baqashwa kanjani abokufika kuleli (foreigners employment), kulandelwa lesigatshana sepholisi ababhizi nayo. Uphinde wakugcizelela ukuthi uyabaxwayisa laba abasaqhubeka baqashe abantu bokufika abanganamaphepha , ukuba bakuyeke lokho, ngoba kuzobadalela amazinyo abushelelezi esikhathini esizayo. Uthe ukusweleka kwemisebenzi kanye nokuqasheka kwentsha kuseyinselela enkulu kuzwelonke, okuyinto edinga ukuba isetshenzwe ngokukhulu ukuphuthuma nokushesha ukuze kulunge lesimo. UNgqongqoshe ukusho lokhu ngenkathi bekunesithangami ebesibanjelwe e-Digital Hub e-Industrial Park , eBotshabelo. Uqhube wathi i-Digital Hub kuhloswe ngayo ukuvimbela uqhekelo nokungalingani phakathi kwezakhamuzi , iphinde inikeze intsha amakhono ewadingayo ahambisana nesikhathi samanje ukuze bacijelwe i-Fourth Industrial Revolution. Uthe lolushicilelo lwesikhashana kuhloswe ngalo ukuthi lakhe amathuba omsebenzi nangale komnyango weZabansebenzi, nokuthi kusizakale nezwe ekudaleni amathuba emisebenzi. “Sihlose kakhulu ukuthi kusizakale bonke abantu abasafuna imisebenzi ikakhulukazi intsha,”” kusho yena. Uthe ukugunyazwa kwalepholisi kufuna ukuthi kubambisane yonke iminyango ekhona kanye nabaqashi, nezinye izinhlaka ezikhona, ukuze ibe impumelelo.