UMNYANGO wezemfundo kwaZulu-Natal, usigxekile kakhulu isenzo sezinhlangano zezepolitiki ukuba zisebenzise izikole uma kukhankaswa. Kuvelile ukuthi kustshenziswe isikole samabanga aphansi iCorinth , ngenkathi kukhankaswa. Kuphinde kwavela ukuthi bekubonakala izithombe zabasebenzi kunhlangano Action SA. UNgqongqoshe wezemfundo , uNksz Mbali Frazer, usigxekile lesi senzo wathi sibi kakhulu. Uthe okubuhlungu kakhulu uSihlalo wesigungu sesikole (SGB), ubonakale ezinkundleni zokuxhumana efake isikibha saleqembu elibalulwe ngenhla. Uphinde wakuveza uthe ukulungiswa kwesikole kwaba ukungenelela kwaleli qembu eselibalulwe ngenhla wathi lokhu akufuneki. Uqhube wathi bengumnyango bangakusho bangananazi ukuthi lesi senzo bekungesokukhankasela iqembu Action SA, wathi lokhu kudukisa izakhamuzi, Uthe ukulungiswa kwesikole kanye nosonkontileka besekusezingeni eliphezu, kodwa Action SA , yangenelela yasilungisa yona isikole iCorinth. “ Usonkontileka ubesezoqokwa maduzane kodwa kube sekuqhamuka lenhlangano yasilungisa yona,ngoba iqhube umkhankaso wayo wezepolitiki,” esho. Uqhube wathi izikole zihlonishwe ngoba zakhelwe ukuthi zifundise abantwana , hhayi ukuqhuba ezombangazwe. Ukugcizelelile ukuthi bengumnyango bayasigxeka lesisenzo ngoba sithunaza ezemfundo, hhayi ukuthi kuqhutshwe umkhankaso wezepolitiki ezikoleni. Uthe umthetho olawula i-SGB, awuhambisani nalesisenzo, sokuthi badelele noma bangayilandeli imithetho yokugqokwa kwalesigungu, okuboniswa ukungalandelwa nokungawuhloniphi. Uphethe ngokuthi bengumnyango funeka baqinisekise ukuthi kunesinqumo esithathwayo ngalesisenzo, waphinda wathi umnyango ufuna ukumthathela izinyathelo zomthetho losihlalo owenze lokhu.
Kuzokwakhiwa izindlu eziyisishiyagalolunye kwaNongoma
UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi usememezele ukuthi , umnuango awubhekile ubambisane nezinhlaka ezahlukene okubalwa kuzo i-Old...