KUSALE izigebengu ezintathu enkundleni ngenkathi zitholene phezulu namaphoyisa ngenganono e-Nanda. Kuvelile ukuthi lezigebengu bezifunwa phansi phezulu ngamaphoyisa , ngoba bezinecala lokubulala iphoyisa elabe linguSayitsheni uYekani Siboniso Thabethe, owabe eneminyaka ewu-37, ngenkathi ephucwa isibhamu sakhe somsebenzi wabe eseyadutshulwa. Kuphinde kwavela ukuthi lesigameko senzeka ngonyaka u-2023. Okhulumela amaphoyisa esiFundazweni i-KwaZulu-Natal, uCol Robert Netshiunda, uthe ngoLwesibili ebusuku amaphoyisa alunywe indlebe ngalezigebengu ukuthi zibhace endaweni yaseCongo. Uthe ngenkathi amaphoyisa oPhiko iProvincial DPCI Tracking Team, DPCI Anti gang Unit, KwaZulu -Natal Provincial Tactical Response Team, Pietermaritzburg K9 Unit , Inanda Task team kanye nonogada abazimele begasela kuendawo emva kokulunywa indlebe , abathe mabefika endlini ethize eNombonjani, eMtshali Road, abasolwa abane bavele bavulela ngenganono bebhekise emaphoyiseni. Uqhube wathi kube nokudubulana, kwabe sekutholakala abawu-3, babasolwa sebesele enkundleni emva kokudubulana namaphoyisa. “ Oyedwa wabasolwa ukhonile ukuphulukundlela , wabalekela endaweni esebumnyameni,” esho. Uqhube wathi amaphoyisa ayamthungatha kumanje. Uthe labasolwa bayamaniswe ngokudutshulwa kubulawe uSayitsheni Thabethe owabe esebenzela i-KwaMashu Tracking Team, emva kokuba bemphuce isibhamu somsebenzi , maqede bamdubula bambulala ngaso ngo June 2023. Uphethe ngokuthi bebefunwa ngamanye amacala amabili okubulala avulwa eNanda ngo January 2024 kanye namanye amabili avulwa ngonyaka u-2021 kanye no-2023. Uphenyo lwamaphoyisa luyaqhubeka.
Isikole samabanga aphansi Ingwe zizidlele amahlanga emculweni wamakwaya, eNewcastle
NGUTHISHANHLOKO uMnuz Sfiso Ngobese, uthishela oculisayo uMnuz Nhlamvu Buthelezi kanye nezingane zesikole. Isithombe.SITHUNYELWE ISIKOLE samabanga aphansi esisemakhaya esizinze endaweni yaseBhalanki...