KUBOSHWE umsolwa kwashaqwa imithi abeyidayisa engagunyaziwe ngumthetho olawula ukudayiswa kwemithi Osizweni. Kuvelile ukuthi amaphoyisa ophiko lwe-Osizweni Crime Prevention, abezulazula endaweni esibalulwe ngenhla ngenhloso yokulwisana nokushushumbiswa kwezidakamizwa kanye nokubhenywa kwazo, ngenkathi elunywa indlebe ngamalunga omphakathi ukuthi kukhona odayisa imithi kulendawo. Lamaphoyisa abe esegasela esigcemeni B , abe esegasela kulomuzi abatshelwe ngawo , afika asesha athola upulasitiki obunemithi Kanye nemali abe esembopha umsolwa. Lomsolwa uboshelwe icala lokutholakala nemithi yohlobo lwamabhodlela angu-6-100 ml of Bron clear Cough Syrup kanye namaphilisi angu-9 ohlobo lwe-mall white tablets. Lomsolwa uboshelwe ukuphula lesigaba somthetho Section 22(A) Act 101 Subsection 6(a) for Selling medicine without a permission. Ngokusho kokhulumela amaphoyisa aseNewcastle leminthi ingabiza inani elingu.R1000.00 ngentengo yasemgwaqeni. Kanti futhi lomsolwa oneminyaka engu-30, uphinde watholakala nemali engu-R3000.00. Amaphoyisa athi umkhankaso wawo wokulwisana nezidakamizwa uthela izithelo ezinhle ngoba endaweni yasOsizweni amaphoyisa ahlala ethola izidakamizwa. Athe azoqhubeka nomkhankaso wawo wokulwisana nokushushumbiswa nokubhenywa kwezidakamizwa,futhi azoziqeda izihleke zezidakamizwa kulendawo.
Kuzokwakhiwa izindlu eziyisishiyagalolunye kwaNongoma
UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi usememezele ukuthi , umnuango awubhekile ubambisane nezinhlaka ezahlukene okubalwa kuzo i-Old...