SIBHAMU esitholakale kuNgcobo.Isithombe.SITHUNYELWE
ULINDOKUHLE Ngcobo uvele kafushane eNkantolo kaMansthi wase Port Shepstone ngoMsombuluko , ebhekene necala lokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni kanye nezinye izimpahla ezibalulekile, icala libe seli hlehliselwa uLwesine mhlaka 17 Ephreli 2025.
Okhulumela amaphoyisa asesiFundazweni saKwaZulu-Natal uLieutenant-Colonel Paul Magwaza uthe esitatimendeni ,ngoMsombuluko amaphoyisa asesiteshini samaphoyisa i-Paddock ehambisana nawe Port Shepstone K9 Unit, abophe uNgcobo, emva kokumthola nesibhamu esingekho emthethweni nezinhlamvu endaweni yakwa Nyandayezulu.
“ Amaphoyisa alunywe indlebe ngokuthi kunomuntu ophethe isibhamu esingekho emthethweni abe esegasela khona afike abopha uNgcobo , emva kokumthola nesibhamu esingekho emthethweni nezinhlamvu,” kusho uLieutenant-Colonel Magwaza.
Uthe esitatimendeni , ngenkathi eboshwa uNgcobo utholakale nesibhamu sohlobo lwe 9mmm esingekho emthethweni esinezinhlamvu ezintathu.
“ Ngenkathi amaphoyisa eqhubeka nophenyo lwawo abe esethola ilayisense yokushayela, i-credit card kanye nelayisense yesibhamu okungasiyona ekaNgcobo,” kusho yena , eqhuba ethi, kuphinde kwavela ukuthi le layisense nakho konke okutholakale kwakubikwe ukuthi kulahleke endaweni yase Pitoli kanti icale labe livulwe esiteshini samaphoyisa i-Lyttelton.
Uthe esitatimendeni , lesi sibhamu esitholakale kuNgcobo sizoyohlonzwa ukuthi ngabe asikaze simbandakanyeke ezenzweni zobugebengu.
Uphethe ngokuthi uNgcobo uvelile eNkantolo kaMantshi wase Port Shepstone ngoLwesibili , wabe esekhishwa ngebheyili yemali engu-R500, kanti kulindeleke ukuba abuyele enkantolo mhlaka 17 Ephreli 2025.