NGUNGQONGQOSHE nethimba lakhe.Isithombe.SITHUNYELWE
SIHAYELWE ihlombe isenzo sikangqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana kanye neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natali uMfu Thulasizwe Buthelezi sokuba yingxenye yeNgoma KaZwelonke. Isitatimendende sithi,” UShenge umemezele ukuthi umnyango wakwa Cogta uzokweseka Ingoma Kazwelonke ezokuba ngoMhlaka 21 June eThekwini, esithangamini sabezindaba lapho bekuzokwethulwa khona izinhlelo zengoba ngabahleli bawo kanye namanxusa (ambassadors).
“UShenge obehambisana neNkosi uShinga engusihlalo wamakhosi, uthe ingoma ingeyamakhosi, ngakho umnyango ubone kukuhle ukuba yingxenye ukugqugquzela ubumbano kanye nokulwisana nesihlava sokuhlukunyezwa kwabantu besifazane,” kusho isitatimende.
Uphethe ngokuthi esitatimendeni ,abahleli bomcimbi kanye nabagqugquzeli okubalwa oXolani Mcineka, Gadla, Bahumbe noKhuzane bathe ukufezeka kwephupho ukubona umnyango uxhasa lomcimbi. Bazwakalise ukubonga kuShenge kanye nasemnyangweni.