UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu , KwaZulu-Natal, uMfu Thulasizwe Buthelezi, uhalalisela uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana kanye neziNdaba zoMdabu, kuhulumeni kazwelonke uMhlonishwa Velenkosini Hlabisa, ngokuqokelwa kwakhe kulesikhundla. “ UMhlonishwa Hlabisa uletha ulwazi lwakhe olunzulu kuhulumeni wasekhaya kanye nakusakhiwo sobuholi bomdabu,” kusho uMhlonishwa uMfu Thulasizwe Buthelezi, esitatimendeni esithunyelwe. Uthe uMhlonishwa Hlabisa uyakuqonda ukusebenza kwesakhiwo sobuholi bomdabu kuzwelonke. “ Sinethemba lokuthi njengoba enesipiliyoni esikhulu komasipala , esokubasa endaweni eqondile, futhi ngokusebenza kwapo omasipala ngendlela egunyaziwe,” esho. UMfu Buthelezi unethemba elizolethwa nguMhlonishwa Hlabisa komasipala kanye nakuhulumeni wasekhaya. Uqhube wathi ukuqokwa kwakhe (uMhlonishwa Hlabisa), kusho ukuvuleka kwekhasi elisha ebuholini bendabuko, kanti lokhu kuzosiza izwelonke , uhulumeni wasekhaya kanye nobuholi bendabuko ngenxa yolwazi lwakhe olunzulu.