UNGQONGQOSHE weze-Employment and Labour, uMnu Thulasi Nxesi , uhlele ukuthi kube nesithangami sasekuseni okuhloswe ngalo ukuthi kuxoxiswane nabaqashi ukuthi kukhokhelwe abasebenzi ngokulingana. Lesi thangami (breakfast session), kuhloswe ngaso ukuba kube nezinxoxo ezizobe zithinta ukubaluleka kokuhlolwa kwezimboni (Inspection and Enforcement Serivices). Kuvelile esitatimendeni esithunyelelwe leli phephandaba ukuthi kuzobe kulandelwa isiqubulo esithi “Transformation starts in the mind”. Sithi lokhu kuhloswe ngakho ukuba kube nenxoxo mpikiswano phakathi komnyango kanye nobambisane nawo, kwezemisebenzi. Uthe loluqeqesho luzobe kulesiFundazwe i-KwaZulu-Natal, lapho kuzobe kubizwe khona abaqashi , ukuze bachazelwe ukuthi uthini umbono kaDirector-general womnyango, kanye nokuthi qhaza lini okumele libanjwe yi-South African labour market. Uphinde wathi uthanda ukumemezele ukuthi lesithangami sasekuseni sobe sithanyelwe nguSekela Ngqongqoshe womnyango uBoitumelo Moloi, futhi ozobe ethula nenkulumo yosuku. “Uzobe egxile kakhulu ekutheni abasebenzi bayakhokhelwa yini ngokulingana, futhi egxile kuso lesigaba esibucayi kakhulu esithi “Equal Pay for Work of Equal Value,” okuzobe nakho kuseqhulwini kulesithangami. Uthe uBoitumelo uzobe eshiyelana inkundla nogenene wesipekta (Inspector General)-Department of Inspection and Enforcement Services (IES), Aggy Moiloa. Uthe lokhu kuhloswe ngako ukubekha esithombeni kuphindwe kukhanyiselwe abaqashi, ngokufuneka bakwenze uma sekuboniswene kulenxoxo mpikiswano, kuqhamukwe namasu, amagqinga okuthi kustshenziswana kanjani ukuze kulingwane emkhakheni wezabasebenzi, ngamaholo nokunye. “Lokhu kulhose ngako ukuguqula indlela okwenzeka ngayo phakathi kwalezinhlaka ngoba kuhloswe ngakho ukuthi kulethwe uguquko kuyiwa phambili,”esho. uphinde wakhuthaza abaqashi ukuthi baqinisekise ukuthi bayaphumelele kuloluqeqesho oluzoba nenkulumo mpikiswano, okuhloswe ngayo ukuba kulingwane. Lenkulumo mpikiswano , izobe isesithangamini sasekuseni futhi izobanjelwa e-Southern Sun Elangeni, Located at 63 Snell Parade, Durban. Usuku: Mhlaka 31 January 2024. Isikhathi: 07h00 to 10h00.