NGUNGQONGQOSHE wezemfundo eyisiSekelo kuzwelonke,uNksz Siviwe Gwarube
UNGQONGQOSHWE wezeMfundo eyisiSekelo kuzwelonke, uNksz Siviwe Gwarube, uzofaka isicelo soxhaso lwemali esikhwameni sezimali kuzwelonke ngenhloso yokwelekelela umnyango wakhe ekukhokheleni othisha bakaGrade R, neizimali abakweletwa zona ngumnyango nokukhokhelwa kwemali yokuthenga izincwadi zezikole.
Kubikwa ukuthi lesi siphakamiso sikaNgqongqoshe wezeMfundo sifuqwa wumnyakazo wamalunga enyunyana yothisha i-South African Democratic Teachers Union (SADTU), KwaZulu-Natal, amashele emahhovisi esifundazwe ehambise uhlu lwezikhalazo mayelana nokungakhokhelwa kothisha bakaGrade R, okubalwa kuzo ukungakhokhelwa imali abakweletwa yona ngumnyango nokukhokhelwa kwezimali zezinsiza zezikole (norms and standards) sekuhambe isikhathi.
“Kuzokhumbuleka ukuthi isabelo mali sezemfundo -sika 2023/2024, sancishiswa ngenkathi sethulwa okuyimbangela yokuthi zishode izimali zezinsiza, imali yokukhokhela othisha abakweletwa yona, neyokukhokhela othisa bakaGrade R.
“Uhulumeni kazwelonke wanciphisa imali yalo mnyango emva kokuba labo thisha baka-Grade R esebafake ngaphansi kophiko lalo mnyango (wezeMfundo). Labo thisha bebekhokhelwa imali ekhokhwa ngabazali bekhokha imali yesikole,” kusho uNksz Gwarube.
“Umnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uqale lo nyaka ngesabelo mali esincane ngoba sancishiswa. Ngakho lokhu sekudale izinselelo nezinginamba ezinkulu ngoba basebenzisa imali encane kakhulu.
UNgqongqoshe weziMali kuzwelonke, uMnu Enoch Godongwana, ngenkatni ethula inkulumo yakhe yezimali yamaphakathi nonyaka ukubeke kwacaca ukuthi kumele kuqashwe intsha kuphinde kuthayiselwe nemali lapho idingeka khona.
Wathi kumele babhekelelwe ngokwenyuselwa amaholo, kuzinziswe umnotho uphinde ukhuliswe, nabasebenzi beminyango kahulumeni baholelwe amaholo azobaphilisa.”
Khonamanjalo, uNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho Hlomuka, uthe: “Sisebenza ngokukhulu ukuzikhandla ukuze siqede izikhalazo ngothisha ngoba sizidlulisela emnyangweni kazwelonke ukuze basizakale bonke abomnyango, kanti siyaxoxisana futhi nezinyunyana zothisha ukuze siqhamuke nezixazululo.”