UNGQONGQOSHE weZemfundo uNksz Mbali Frazer uhalalisele abafundi bakamatikuletsheni ababhala izivivinyo zokuphela konyaka namuhle. Sekuwusuku lesikhombisa ziqalile izivivinyo zokuphela konyaka Zikamatikuletsheni uNksz Mbali Frazer , ufisela abafundi ukubhala okunempumelelo. Esigabeni noma ohlelweni lokubhala kwasekuseni ngo-9, kuzobe kubhalwa ISIZULU, ISIXHOSA, SISWATI, ISINDEBELE HL P1 (2HRS), FAL P1 (2HRS), SAL P1 (2HRS), South African Sign Language HL P1 (2HRS). Bese kuthi esigabeni sokugcina santambama kubhalwe i-Economics P2 (2HRS), ntambama. Uthe abaqhubeke babhale ngokukhulu ukuzimisela futhi bafake umfutho okokugcina ukuze benze kahle ezifundweni zabo.
Asinakiwe isakhiwo esidala sesikole saseBlaauwbosch okwafundisa kuso uChief Albert Luthuli
SESASALA sinje isakhiwo esinomlando. Isithombe. SITHUNYELWE ASINAKIWE isakhiwo esidala sesikole samabanga aphansi saseBlaauwbosch, eNewcastle, eNyakatho neKwaZulu-Natal, lapho kwakufundisa khona inqalabutho...