UNGQONGQOSHWE weZemfundo KwaZulu-Natal, uNksz Mbali Frazer uthi izivivinyo zikamatikuletsheni zokuphela konyaka zisahamba kahle futhi ziqale kahle mhlaka 30 October 2023. “ Namuhla umatikuletsheni uyabhala futhi kanti esigabeni sokuqala esizoqala ngehora lesishiyagalolunye-(9), kuzobhalwa iphepha lokuqala le-mathematics elizoqala ngo-9 kuphele ngo-12, kubhalwe i-mathematics Literacy P 1, Technical Mathematics P1, bese kuthi esigabeni sesibili kubhalwe i-Arabic, French, Italian, Mandarin, Modern Greek, Serbian, Spanish Sal P2, zonke lezi zothatha amahora amabili kanti kuzoqalwa ukubalwa zona lezilimi ngehora lesibili (14H00), bese kubhalwa Latin Sal P2 (1hour and half),, Portuguese HL P2 (2 hours and half SAL , SAL P 2 (2 HRS) bese kuba i-Equine Studies (3 hours). Ube esefisela abafundi ukubhala ukuhle, wabahalalisela ezifundweni zabo zokuphela konyaka.