USEKELA Ngqongqoshe wezaBasebenzi uNksz Boitumelo Moloi,uthe wonke umuntu unelungelo lokuthola umsebenzi oqondile, nongcono. Uthe umthethosisekelo wase-South Africa , ukubeka kucace ,ukuthi kuyilungelo la noma yimuphi umuntu , ukuthi athole umsebenzi oqondile ngokugunyazwa umthetho wezabasebenzi. “Zonke izinhlaka ezikhona , kumele siqinisekisekise ukuthi, ezempilo nezokuphepha zikhona kuyo yonke indawo lapho kusetshenzwa khona. UNgqongqoshe Moloi , ubekhuluma ngenkathi bekuhlangenwe e-Coastlands on the Ridge, 315 – 319 Peter Mokaba Ridge, Musgrave, Durban , izolo mhlaka 7 November. Lokhu bekuhloswe ngakho ukuphuma nezisombululo namagqinga , ekutheni wonke umuntu usebenza, umsebenzi oqondile kanti ezokuphepha, nezempilo zikhona kuzikhungo zokusebenzela. Lolu hlelo belihambisana nesiqubulo esithi: “Collaboration and Strategic Approach to enhance decent work in an evolving World of Work”. Kuphinde kwavela ukuthi ngokocwaningo olwenziwa yi- International Labour Organization (ILO), abasebenzi abangu- 2.78 million, bayashona emsebenzini ngenxa yezingozi kanye nezifo abazithola ezindaweni zokusebenza, njalo ngonyaka, bese kuthi abangu-313 million, balimale kanzima, bese bephutha emisebenzini ngenxa yokulimala okungagwemeka. Uthe ngokwesigaba 24 (Section 24 of South African Constitution), uyakuveza ukuthi umuntu unelungelo lokusebenza ngaphansi kwesimo semvelo esingenabungozi ezimpilweni zabo. Uqhube wathi lomthetho uphinde ugunyaze ukuthi ilungelo lomsebenzi ngamunye aliphulwa futhi liyafezeka. “Kubalulekile kakhulu ukuthi lomthetho i-Occupational Health and Safety Act (OHS), 85 of 1993, waseMzansi, uyalandelwa ngoba wabekwa emva kokuba leli zwe libuswe ngokwentando yeningi. Uthe bazokuqinisekisa ukuthi abantu bathola imisebenzi engcono, futhi kuyalingwana emsebenzini, kanti futhi zonke izinhlaka kumele zikuqinisekise ukuthi kuphephile futhi ezempilo ziyaqikelelwa emsebenzini. Uthe nanxa bezama ngawo wonke amandla ukuthi i-OHS, ibekwa phambili emisebenzini kodwa izingozi, ukulimala , ukuphathwa kabi kwabasebenzi kanye nokutholakala kwezifo kuyinto eseningi , ezindaweni sokusebenza. “Ngikushayela ihlombe kodwa ukuthi lezingozi kanye nokulimala kwabasebenzi , kuyasukunyelwa ngesikhulu isivinini uma kwenzekile ezindaweni zokusebenza, kodwa kumele siqikelele ukuthi siyakugwema ukufa kwabantu befela emisebenzini ngenxa yezingozi, nagokugula. Uthe lokhu uma kwenzekile kuba nomthelela omubi, nomkhulu kwezomnotho, wakuleli. Uthe ukulimala , izifo, kanye nezingozi kudla kakhulu ephaketheni lomqashi, umqashwa kanye nasemnothweni wezwe imbala. Uthe uma kuhlambiselwa lokhu kulimala noma ukushona kwabantu , kuthatha noma kudla imali engamaphesenti amane ngonyaka, egross domestic product. “Ngokwezibalo abantu abangu-6,400 , bayandlula emhlabeni ngenxa yokulimala noma ngokugula bese kuthi abanu-860,000 , balimalele emsebenzini, ngenxa yobumpofu kwezempilo kanye nezokuphepha, ezithunaza umnotho, noma ezivimbela ukukhula komnotho. I-South Africa, kumele ikuqinisekise ukuthi iyayilandela imigomo ebekwe, yi- International Labour Organization, ethi abantu abathole imisebenzi engcono, baphinde bangayiphuli lemigomo nemibandela. Uthe lokhu kudinga ukuba sisebenzisane ukuze sikuzuze lokhu osekubalulwe ngenhla, ngoba thina sinomlando omuhle nonothile ekubamisaneni nokusebenzisana. “Singenza kangcono kwezempilo kanye nezokuphepha, uma sizosebenza ngobuqotho”esho, Uphethe ngokuthi lokhu singakuzuza uma singaqikelela ukuthi azikho izinqinamba esinazo ezingavimbela ezempilo kanye nezokuphepha emsebenzini.