AMAPHOYISA KwaZulu-Natal, asephinde abopha abantu ababili emva kokuba beyamaniswa nokutholakala nezithombe ezikhombisa izingane zenza ucansi (Child pornography). Kuvelile ukuthi laba ababili baboshwa nje ngoba kutholakale ukuthi bakhiqiza , noma badawuniloda (download), ukubuka izithombe zocansi lwezingane baphinde bazikhiqize nokuzisabalalisa. Kuphinde kwavela ukuthi ukwenza lomkhuba wokudawuniloda izithombe zezingane kulicala elibi kakhulu. “ Asebeboshiwe ngokwenza lomkhuba sebebalelwa kwabawu-13, laba eSouth Africa, ngokubambisana kwamaphoyisa akulelizwe SAPS kanye nawe-USA Department of Homeland Security,” kusho isitatimende esithunyelwe, siqhuba sithi amaphoyisa i-SAPS Family Violence , Child Protection and Sexual Investigation (FCS), kanye nawe-Electronic Criminal Investigations Unit , athungathe laba basolwa ababili aze abathola kulesiFundazwe i-KwaZulu-Natal. Kuphinde kwavela ukuthi umsolwa wesithathu uboshwe mhlaka 23 April 2024. “ Lomsolwa oneminyaka ewu-58, uboshwa nje emva kokuba etholakale nenwqaba yezithombe kanye namavidiyo, eziqukethe izingane zenza ucansi. Kukhona nezixoxo kanye nolwazi olutholakele ukuthi kunabafana abatholakalayo abangajabulisa abesifazane ngokocansi kodwa babiza inani eliwu-R2 500.00 , ukujabulisa, kanti ofuna ukubathenga angasondela kodwa kumele abafake izidakamizwa. Lona uvelile eNkantolo kaMantshi mhlaka 25 April 2024, wabe esegcinwa esitokisini. Umsolwa wesi-13, oneminyaka ewu-62, yena waboshwa mhlaka 24 April 2024, naye otholakale namathawuzenti ezithombe zocansi kanye namavidiyo, abe eseshaqwa,” “ Kuvelile ukuthi ngenkathi ngenkathi kunalomkhankaso wokuboshwa amaphoyisa abehamba nomnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi, lapho lomnyango ukwazile ukuthatha abafanyana abaneminyaka ewu-6, ewu-4 kanye nabanezinyanga eziwu-4 bezelwe, abebehlala endaweni yalomsolwa. Kube sekubizwa abakwa SPCA, ukuba bazothatha inja nekati obekushiywe dengwane. UMbuso uzophikisana nesicelo sebheyili uma bevela enkantolo, kanti abanye babasolwa baboshwe e-Gauteng kanye nase-Western cape ngonyaka ofile, 2023. UKhomishana wamaphoyisa kuzwelonke uGen-Fannie Masemola, uwancomile lamaphoyisa ngokusebenza ngokukhulu ukuzikhandla ekuboshweni kwalabasolwa abebhekane nalamacala , wathi benze umsebenzi omuhle kakhulu ngokusiza izisulu zobugebengu. Uqhube wathi ukukhiqiza, ukubuka, ukusabalalisa izithombe zezingane zenza ucansi kulicala elibucayi kakhulu. Uthe esitatimendeni sisazoqhubeka sithungathe abanye abasolwa abenza lomkhuba, wokushushumbisa izingane bezishushumbisela ucansi baphinde bakhiqize izithombe zazo zenza ucansi. Uqhube wathi izingane kumele zivikelwe kulezigilamkhuba esezigcwele izwe lonke, eziqhubela phambili ubugebengu kanye nodlame emiphakathini. Ubehola leli thimba elibophe abasolwa osanda kuqokelwe kwesokuba nguComponent Head we-FCS , uMaj-Gen Mmantsheke Lekhele.