AMAPHOYISA aseNewcastle aphenya icala lokugqekeza emva kokuba kutholakale umsolwa ophahleni lwesitolo. Ngokusho kokhulumela amaphoyisa aseNewcastle u-Lizzy Arumugam, ngelendlule ngezintuba zabo 8.40, ebusuku, esitolo sakwa Ackerman’s, esiseNewcastle Mall, onogada bezwe kukhala i-alamu abe esenikela khona. Uthe ngenkathi unogada engena ngaphakathi wabona ukuthi usilingi ubhodlokile, wabe eseshayela amaphoyisa ukuba azombonisa. Uqhube wathi umsolwa ube esetholakala ecashe esitolo kuphahla lakwa Clicks, wabe eseboshwa khona endaweni yesigameko. Umsolwa uvelile enkantolo yaseNewcastle kanti nophenyo lwamaphoyisa luyaqhubeka, naye umsolwa uzophinde avele enkantolo kaMantshi maduzane ebhekene nalo icala lokugqekeza isitolo nelokucekela phansi impahla. Uphenyo lwamaphoyisa luyaqhubeka. Kwesinye isigameko esingahlobene nalesi kuboshwe umsolwa emva kokutholakala nempahla yokwebiwa kuHarding Street khona e-Newcastle. Kubikwe ukuthi umsolwa utholakale newashi lezemidlalo (sport watch), wabe esehluleka ukuchazela amaphoyisa uma embuza ukuthi ngabe ulithathephi leli washi, wabe eseboshwa khona lapho kanti naye usevelile enkantolo , uzophinde avele enkantolo maduzane ebhekene nalo lelicala lakhe, lokutholakala nempahla entshontshiwe..