WENQATSHELWE ibheyili owabe eliphoyisa esiteshini saDundee osewathatha umhlalaphansi. Lomsolwa usolwa ngokwakha itulo lokusocongo uKhomishana wamaphoyisa kusiFunda Umzinyathi uMaj-Gen Francis Slambert, izikhawu eziningana kodwa wasinda. UMnu Banawo unqatshelwe ibheyili iNkantolo yesiFunda yaseMadadeni ngelendlule. Kuvelile ukuthi ngoJuly , 2024, lona uMnu banawo wenza izethulo ezintsha efuna ukuba adedelwe ngebheyili kodwa lokho akuyishintshanga inkantolo ngoba lezithulo azenza babona zingamfanele ukuba aphume ngebheyili, kanti yena usgcinwe ezitokisini ngecala lokuhlela ukusoconga ukhomishana osebalulwe ngenhla. Kuphinde kwavela ukuthi lezithulo ezintsha aqhamuke nazo azihlukule kulezethula azenza phambilini. Ngenkathi inkantolo imqabela ibheyili , ithe ayihambisani nodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane (Gender-Based Violence), esi ndlule nemiphefumulo eminingi yabantu besifazane. Ithe ubhekene necala elibucayi kanti kumele kuvikelwe umphakathi ebantwini abafana noMnu banawo, ikakhulukazi ngoba kuyinyanga yabesifazane. Iphethe ngokuthi abantu besifazane banamalungelo nabo okumele avikelwe ngaso soonke isikhathi.