NGABAFUNDI ngenkathi kuqwashiswa ngobugebengu.Isithombe.SITHUNYELWE
ZIBE yimpumelelo ezimidlalo ehlukahlukene ebekuhloswe ngazo ukuqwashisa ngobugebengu ebezibanjelwe esikoleni samabanga aPhezulu i-Busana,e-Greytown, ngoLwesine esisuka kulo.
Kubikwa ukuthi le midlalo yokuqwashisa ngobugebengu ihlelwe nje njengoba kubonakala ukuthi ngaphansi kwesiteshi samaphoyisa aMatimatolo, lenyuke kakhulu izinga lokuboshwa kwentsha iboshelwe amacala okubulala, awokudlwengula kanye nathinta ukudlwengula.
Okhulumela amaphoyisa esiFunda uMzinyathi uConstable Siyabonga Nkwanyana uthe esitatimendeni , sihlele le midlalo ehlukahlukene ukuze sizoqwashisa intsha ngobugebengu njengoba sibona ukuthi izinga lokuboshwa kwayo lenyuke kakhulu eMatimatolo, e-Greytown.
“ Intsha iboshelwa amacala okubalwa kuwo owokubulala, ukudlwengula, awokushaya namanye,” kusho uConstable Nkwanyana esitatimendeni, eqhuba ethi, lokhu sekuyintsakavukela kulendawo.
Uthe esitatimendeni, i-eMatimatolo SAPS Social Crime Prevention ibambisane ne Department of Social Development yase Greytown, babone kubalulekile ukuthi bahlele lemidlalo ngenhloso yokunqanda ubugebengu kusetshenziswa ezemidlalo.
“ Uma intsha kungekho into eyenzayo , ibe isibona kuncono ukuthi izimbandakanye ezenzweni zobugebengu,” esho esitatimendeni.
Uthe esitatimendeni, lokhu sikwenze ngenhloso yokuphephisa intsha ukuba ingazimbandakanyi ezenzweni zobugebengu.
Kuvelile esitatimendeni ukuthi ngaphambi kwemidlalo kube nomkhuleko kwabe sekuthi uConstable Mdunge, wabe esenxusa intsha ukuba iziqhelelelenisa nezenzo zobugebengu, ingabi nabangani ababi kanye nabadala kunabo abazobadukisa.
Kuphinde kwavela esitatimendeni, ukuthi ube esebanxusa ukuba bazibike izenzo zobugebengu.
Uthe esitatimendeni, uCaptain Bafana Vilakazi ongumphathi wesiteshi samaphoyisa eMatimatolo, ngijabule kakhulu ngokuphuma ngobuningi kwabafundi njengoba bebebalelwa kwabangu-1000 abaphumelele.
“Ezemidlalo zinamandla futhi zingasetshenziswa njengethuluzi ekulwisaneni nobugebengu obudlangile entsheni, “ kusho uVilakazi esitatimendeni.
Kuphinde kwavela ukuthi izinhlaka ezifana neSAPS Women’s Network and Men for Change, nazo zendlulise umlayezo ofanayo ziqwashisa abafundi noma intsha ngobugebengu nangokubaluleka ekuzimbandakanyeni nezemidlalo.
Uthe esitatimendeni , le midlalo ibihanjelwe zinhlaka ezahlukene okubalwa kuzo i-South African Police Service (SAPS), Community Policing Forum (CPF), Youth Crime Prevention Desk, Department of Social Development (DSD), Government Communication and Information System (GCIS), Independent Electoral Commission (IEC), Department of Health, Umvoti Municipality, Disaster Management, Sanlam, (WUDP), Department of Agriculture nezinye.
Uqhube wathi esitatimendeni, izikole ebezibambe iqhaza kulemidlao ilezi i-Busana Secondary, Esiqhoqhweni Secondary, Candabuthule Secondary, Umvoti Secondary, Nkosi Sizwe Sithole Secondary kanye neMashingizela Secondary, kanti futhi namaqembu amathishela adlale nawamaphoyisa. Uphethe ngokubonga abaxhasi kanye nezithameli zolemid