NGABAHOLI be African people First (APF) uNobhala Jikelele Julie Mbuthuma Kanye noMuzi Hlengwa
ABENHLANGANO i-African People First (APF), ibambisane ne-Bejay Funeral Directors sebethathe igxathu elihle lokuqinisekisa ukuthi bayalekelela ekufihleni ngesizotha abathandiweyo bemindeni entulayo! Kuvelile ukuthi bathathe leligxathu lokuncgwabela imindeni entulayo ngoba bayazi ukuthi noma ngabe unemali noma ngabe awunayo kodwa kumele ungcwatshwe ngesizotha. “Sibone kuwumsebenzi wethi futhi kubalulekile ukuba sibuyise isithunzi sabantu bakithi , nokuqinisekisa ukuthi abantu abanganalutho bancgwatshwa ngesizotho,”kusho uNobhala Jikelele walenhlangano yezepolitiki esibalulwe ngenhla uJulie Mbuthuma. Uthe sikubone kubalulekile ukuthi sikhombise ukuthi isithunzi somuntu omnyama siyahlonishwa futhi noma entula kodwa angcwatshwe ngesizotha. Abe-Bejay Funeral Directors basithathele phezulu lesinqumo sokuqinisekisa ukuthi abantu bangcwatshwa ngesizotha nangenhlonipho noma benganamali. uBJ Hlengwa usithakasele lesinqumo negxathu elithathuwo lokusiza abantulayo. Uqhube wathi njengabantu abaqhuba ibhizinisi emphakathi bakubona kubalulekile kakhulu ukuthi baphinde babuyisele khona emphakathini, ngokubafihlela izihlobo zabo ngesizotha. “Ukubambisana kwethu ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi siyayithula umthwalo imindeni entulayo ngokuyingcwabela imindeni yabo ngenhlonipho nagesizotha kusho kukhulu kithina,”esho. Ukuqinisekisile ukuthi bazibphezele ekutheni akekho umuntu ontulayo abangeke bamgcwabe ngesizotha, ngoba bona vele babheke labo abangathathi entweni. “Ukuze sikungcwabele kumele ube ngumuntu ongasebenzi oziphilisa ngesibonelelo , kungekho okutholayo eceleni kanti futhoi ungabi nawo umsukarense noma umasingcwabisano, noma ipholisi. Uthe lobambisana kwethu kuzosiza kakhulu ekuhambiseni isidingo somngcwabo kontulayo, ngokuba umndeni unikezwe ibhokisi Kanye nezimoto ezithwala izidumbu ukuze bathulwe umthwalo wokuntula imali yokungcwaba. Inhlangano esibalulwe ngenhla ithe izibophezele ekulweleni amalungelo kanye nesithunzi sabantu abansundu base South Africa, ikakhulukazi abampisholo. Uthe lokhu bazibophezele ngako ngoba bazoqinisekisa ukuthi abantu bayabuyiselwa ithemba Kanye nesithunzi sabo. UJulie Mbuthuma ukuqinisekisile ukuthi bazibophezele ukuthi umphakathi uyathuthukiswa. Uqhube wathi lokhu kusho ukuthi bazimisele ngokuphendla indlela eyaphambili ekubekeni izimpilo zabantu phambili. Uthe lomkhankaso wabo wokusiza abantulayo bawuqale kusiFundazwe i-KwaZulu-Natal, kanti bahlose ukuthi undlulele nakwezinye izifundazwe, ngoba behlose ngakho ukuba kusizakale bonke abantulayo.