IZAKHAMAUZI zaseNormandien,eDannhauser, eNyakatho, neKwaZulu-Natal, zihlele lubhojozi, zihleliswe ngamabhunu asagcwele ubandlululo. Ngeviki elendlule elinye lamabhunu lishisile ngamabomu lokhu okuholele ekutheni umuzi wakwaGamede, eKliford Farm, ucekeleke phansi, kwasha izindlu, imfuyo , okubalwa kuyo izinkomo, izimvu nezimbuzi, Kuphinde kwavela ukuthi leli bhunu belizama ukuthi lomlilo ubheke emzini wakwaShabalala ngoba akukho ukuzwana phakathi kwalo leli bhunu kanye nalomndeni ngoba kumanje bahamba inkantolo. Kuvelile ukuthi uMnu Lucky Shabalala ohlala khona kulendawo usehlala ngokubhaca ngoba amabhunu lana afuna ukumenza isilo sengubo. UMnu Lucky Shabalala uthe basale dengwane abantu kusha lomlilo wamabomu. “ Mina bengingathi leli bhunu elisuse umlilo kumele likhokhe izimpahla zabantu, ngeke kufe imfuyo yabantu kuthulakale , kushe imizi kuthulakale. Kumele leli bhunu elishise umlilo likhokhele wonke lomonakalo odalekile ngenkathi kusha lomlilo wamabomu. Kungaba njani ukuthi sibuyele esiteshini samaphoyisa lapho esasimashele khona siyobuza ukuthi uma kunjena kumele kwenziwenjani ngoba amabhunu ayaqhubeka ahlukumeza abantu emapulazini. Kuvelile ukuthi kucekeleke phansi amapulazi , amadlelo ngoba nezinkomo kumanje azinabo utshani ezizobudla. UMnu Shabalala ukuvezile ukuthi bayile emnyangweni eminingi beyofuna usizo lokunxeshezelwa ngamabhele ngoba bebhekene nalenhlekelele kodwa babuya belambatha, babe sebenxusa noma ngabe ngubani ongaxhasa ngamabhele asize ngoba kukhona nezinkomo ezimithi ezingenakho ukudla sikhuluma nje, ezingagcina ziphunza ngoba zidla ehlungwini ngoba utshani bungekho. Kuvelile ukuthi elinye lamabhunu belivulelwe icala , athi amaphoyisa ethi azolibopha lanqaba kwafika iqwaba yamabhunu aphikisana nokusebenza kwengaloyomthetho langaboshwa. Ngomunye unyaka elinye lamabhunu akhona kulendawo ladubula labulala iphisi uMnu Sipho Mbatha, phambi komfanyana owabe eneminyaka ewu-14, lamtshela ukuthi akavale amadlebe uma lidubula uMbatha washona, okwathi emva kwesikhathi lazithethelela ngokuthi lalicabanga ukuthi inja. Kuningi ukuhlukunyezwa kwabantu emapulazini okwenziwa amabhunu