UKHALELWE ngamaSongo kaSgonyela umsolwa oneminyaka ewu-28, obegqekeza ebrary Hertzog Park, eNewcastle, eNyakatho neKwaZulu-Natal. Kuvelile ukuthi umnikazi wendlu okugqekezwe kuyo ubone umnyango wendlu wangaphambili uvulekile, wabe esebona nokuthi umakhalekhukhwini wakhe sewuntshontshiwe, wabe esebikela amaphoyisa waboshwa khona lapho umsolwa, nomakhalekhukhwini obuntshontshiwe utholakele. Umsolwa usevelile eNkantolo kaMantshi waseNewcastle, kanti nophenyo lwamaphoyisa luyaqhubeka. Kwesinye isigameko kuboshwe umsolwa ngenkathi amaphoyisa abepatilola ephinde eseshe nabantu abasolisayo. Kuvelile ukuthi lamaphoyisa abehamba ku_Jordan Car Parking, esitaladini uVoortrekker ngenkathi ebona umsolwa ukuthi uphethe okuthize esandleni, okuthe uma ebona ukuthi amaphoyisa ayabona ukuthi uphethe okuthuza wabe esefumba isibhakela ngenhloso yokufihla lokhu abekuphethe. Kuphinde kwavela ukuthi lomsolwa ubephethe isikwama semali esincane okuthe uma amaphoyisa esithatha kuye athola umazisi, izincwadi zokushayela kanye namakhadi asebhange okungasiwona awakhe wabe eseboshwa khona lapho endaweni yesigameko. Kuphinde kwavela ukuthi umsolwa usevelile eNkantolo kaMantshi waseNewcastle ebhekene nalo lelicala lokutholakala nempahla yokwebiwa.