ZININGI izibhamu ezingekho emthethweni ezisezigebengwini. Lokhu kulandelwa ukuthi azipheli izinsuku ezimbili amaphoyisa esiFunda Umzinyathi ehambisana ne National Intervention Unit (NIU), Dundee Task Team, Newcastle Crime Prevention kanye ne Dundee Crime Prevention. Kumanje kuboshwe abasolwa abathathu abaneminyaka esukela kwewu-19 kuya kwewu-38, eboshwa uPhiko lo-Umzinyathi District Task Team kanye ne-Newcastle Public Order Police (POP), kwaMazabeko kanye nase-Esifuleni, ngaphansi kwesiteshi samaphoyisa i-Nhlanhleni. Kuvelile ukuthi lamaphoyisa abesemkhankasweni wokulwisana nokuphathwa kwezibhamu ezingekho emthethweni kanye nokuqeda ngazo ngoba ziyingozi emphakathini futhi kubanjwa ngazo inkunzi kuphinde kubulawe imiphefumulo engenacala. Kuphinde kwavela ukuthi lamaphoyisa abe elandela umkhondo ngabasolwa abathathu, okubangele ekutheni kuboshwe abasolwa ababili abatholakale nomjojantaba wohlobo lwe 303 kanye nepistol , nezinhlamvu ezingekho emthethweni. Okhulumela amaphoyisa esiFundeni Umzinyathi uConst Siyabonga Nkwanyana uthe kuboshwe abasolwa ababili abatholakale nezibhamu ezingekho emthethweni zohlobo lwe 303 nepistol kwamazabeko. Uqhube wathi lamaphoyisa aphinde aya endaweni yase Esifuleni lapho ephinde abopha khona umsolwa wesithathu otholakale nesibhamu sohlobo lwe 303.
Eqhubeka nomkhankaso amaphoyisa aphinde aya eKeadsdrift ,eMsinga athole isibhamu sohlobo lwepistol ebeshiyiwe emva kokuba bekubikwe ukuthi bekubanjwa inkunzi , umsolwa noma abasolwa basilahla phansi ngenkathi sebebaleka endaweni yesigameko. Uthe kwesinye isigameko amaphoyisa athe uma egasela endaweni i-Mkhuphula athola isibhamu sohlobo lwepistol kodwa umsolwa wakhona ukuphulukundlela wabaleka. Ukhomishana wamaphoyisa kwisiFunda Umzinyathi uMaj-Gen Francis Slambert ubonge wonke amaphoyisa ahlale ebeka izimpilo zawo encupheni evikela umphakathi kanye nezakhamuzi eziqinisekisayo ukuthi ziyawalekelela ekulwisaneni nobugebengu ngoba bahlale bewaluma indlebe amaphoyisa ngezigilamkhuba.