ABE-HOLLYWOOD Foundation bazwakalise intokozo ngenkathi bedlulisa umklomelo wemali engu-R70 000 enhlanganweni yosomabhizinisi abasafufusa yaseMfundweni, eDannhauser, eyaziwa nge-Makoti Life and Style ngokulala kwayo isibili emqhudelwani iBambelela Business Awards.
Ukwethulwa kwalo mklomelo kwenziwe khona eMfundweni, ngoLwesithathu, lapho bekunendumezulu yomcimbi kwethulwa wona lo mklomelo kwabenhlangano i-Makoti Life and Style, okuyinhlangano ephethwe nguNkk Lethiwe Dlamini owaqokwa njengolale isibili emqhudelwaneni i-Bambelela Business Awards owabe uhlelwe yi-Hollywood Foundation ngenhloso yokuthuthukisa osomabhizinisi abasafufusa.
Oyi-Group Transformation Manager kwa-Hollywood Foundation, uBongekile Mkhize uthe bazizwa bejabule kakhulu ukuzohalalisa nokuletha umklomelo kule nhlangano, eyaphuma isibili ngenkathi kuklonyeliswa osomabhizinisi phambilini kulo nyaka.
“Lokhu esizokwenza kuletha injabulo enkulu kithina ukubonisa ukuthi sizibophezele kangakanani ekuthuthukiseni izimpilo zabantu, sixhase amabhizinisi asafufusa, siphinde sivule ne-container (isiqukathi esisebenza njengendlu) eyanikelelwa le nhlangano i-Makoti Life and Style, ukuze isebenze ekuthuthukiseni izakhamizi ngamakhono ahlukahlukene,” kusho uMkhize.
“Sifisa ukubona izakhamizi zakule ndawo zithola amakhono ahlukene azolethwa yile nhlangano, ngoba sesinikele ngale-container ezosiza ekuqhutshweni komsebenzi kule ndawo. Sihlose ukuthuthukisa umphakathi, ikakhulukazi osomabhizinisi abasafufusa. Ukunikelelwa kwalesi sakhiwo (container) kukhombisa umbono omuhle owenziwa yile nhlangano okuhloswe ngayo ukuthuthukisa osomabhizinisi abasafufusa.”
Lo omcimbi ubuhanjelwe ngabezinhlaka ezahlukene neminyango kahulumeni okubalwa abe-National Youth Development Agency (NYDA), aboMnyango woBusa ngokuBambisana nezindaba zoMdabu, Small Enterprise Development Agency (SEDA), uMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha nezeMvelo, uMasipala waseDannhauser, uMasipala wesifunda Amajuba, uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi, uMnyango wezeMpilo, noMnyango wezoLimo.