ZISALE zinje izindlu kuhlasela izimvula ezinamandla. Izithombe.Zithunyelwe
ZISALE dengwane izakhamuzi zakwaNongoma kuhlasela izimvula ezinamandla ebezihambisana nokuduma kanye nomoya ngoLwesihlanu ebusuku!Kuvelile ukuthi lezimvula ezinamandla zicekele phansi izindlu, inqalasizinda , izikole , amahholo , amasonto kanye nemapali ka-Eskom, ngenkathi zihlasela kwacima nogesi. Okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uthe sebethumele ithimba iprovincial disaster manegemen , ukuba iyobheka umonakalo odalekile ngenkathi kuhlasela lezimvula ezinamandla, kanti futhi nesimo sezulu ziyaqhubeka ngokungabi sihle. Uthe ngokombiko wesikhashana amawadi angu-8 akhahlamezeke kakhulu, kwacekeleka phansi izindlu ezingu-78, kwathi ezintathu zona ziphelile ngeke zilungiseke, kanti lokhu kwenze ukuthi abantu abangu-600, bakhahlamezeke baphinde basale dengwane ngoba uphahla lwezindlu zabo luwile kanti ezinye zibhidlike ubonda kanye nophahla. “ Amakilasi esikole samabanga aphezulu iNhlabayethu, acekeleke phansi kwathi namasonto nawo acekeleka phansi,” kusho yena. Uqhube wathi amahholo namwo acekeleke phansi, kwaphephuka uphahla. Uthe emawadini amahlanu izigxobo zikagesi kanye nezintambo zawo ugesi kucekeleke phansi abantu basale besebumnyameni ngenkathi kuhlasela lezimvula ezinamandla ebezihambisana nemimoya. Uqhube wathi lokhu kugcine kuphazamisa kanye nokusabalaliswa kwamanzi. UNgqongqoshe walomnyango osubalulwe ngenhla uNkk Bongiwe Sithole-Moloi, uthe esitatimendeni siyazwelana nezakhamuzi ezikhahlamezwe ilezimvula ezinamandla eziphinde zalahlekelwa izinto ezibalulekile okubalwa kuzo omazisi , izimpahla zokugqoka kanye nokudla imbala. “ Singumnyango siyezwelana kakhulu nemindeni elahlekelwe yiko konke okubalulekile ngenkathi kuhlasela lezimvula ezinamandla,” esho. Uqhube wathi sesiwathumelile amathimba ezezinhlekelele ukuba ayobheka umonakalo odalekile kuhlasela izimvula ezinamandla. “ Sesixhumane neminyango efano neyokuhlaliswa kwabantu (Human Settlement), owezempilo (Health) kanye nowezenhlalakahle (Social Development), esiFundazweni ukuba ilekelele lapho ingalekelela khona ukuze kusizakale izakhamuzi,” kuqhuba uNkk Sithole-Moloi. Uthe ngenxa yezimvula ezinamandla imifula isagcwele idla izindwani. Uthi unxusa ukuthi izakhamuzi zihlale ziqaphile, futhi zingazami ukuwela imifula egcwele ngoba kuyingozi, ukuze kugwemeke ukulahleka kwemiphefumulo. “ Abeprovincial Disaster management sebeqalile ukuhambisa amatende, Box B, amadilamu amanzi kanye namaplasitiki okuvikela noma ukufulela. Uphethe ngokuthi uhlu lwabantu okumele bahlomule kuloluhlelo selukhona ngoba abaningi babo kumele bathole omazisi abasha, amaphepha ezempilo (medication documents), imithi namaphilisi kanye nemifaniswano yabafundi ngoba konke kucekeleke phansi kuhlasela izimvula ezinamandla ebezihambisana nokuduma kwezulu kanye nemimoya enamandla.